Ikhilikithi

AmaProteas kumele ‘aqinise induku’ angayekeli uMiller

SIHLE NGUBO

INingizimu Afrika kuzomele ilungise indaba yayo yokubhetha njengoba izobhekana neBangladesh emdlalweni wesithathu weNdebe yoMhlaba ye-ICC T20, ngoMsombuluko.

AmaProteas asayinqobe yomibili imidlalo yokuqala yeNdebe yoMhlaba lapho abebhekene neSri Lanka neNetherlands ngokulandelana. Nokho kumele iqembu lakuleli liyibukisise kahle indaba yokubhetha njengoba umqhudelwano uqhubeka e-USA naseWest Indies.

INingizimu Afrika isayidlalele eNew York imidlalo yayo emibili. Kule midlalo iqembu lakuleli lishwibe kahle kodwa langagculisa uma selibhetha.

Ebhekene neNetherlands amaProteas ayedinga ama-run angu-103 kuphela ukuze awine. Nokho iqembu lakuleli lakwenza kwaba nzima kakhulu ukusukela ama-run amancane kangaka, lishaya ibhola sengathi lesaba ukuthi ‘lizobulala amafasitela kagogo.’

Kwaze kwalamula ukudlala kahle kukaDavid Miller oshaye ama-run angu-59 emabholeni angu-51, engaphumanga. Ngaphandle kukaMiller omunye umdlali owenze kangcono uTristan Stubbs ophume esehlanganise ama-run angu-33.

Abadlali abafana nokaputeni u-Aiden Markram, uQuinton de Kock, uHeinrich Klaasen noMarco Jansen, kuzomele babhukule bashaye ibhola ngendlela engcono.

Uma amaProteas ezothembela kuMiller kuphela ngoMsombuluko, azokuthola kunzima ukunqoba kwiBangladesh okwaziwayo ukuthi iyalishaya ibhola.