EzakamuvaIkhilikithi

Amasi asebekwe elangeni ngeNdebe yoMhlaba yekhilikithi

Sihle Ngubo

I-International Cricket Council (ICC) seyigcine izimemezele izinsuku nezindawo okuzodlalelwa kuzona iNdebe yoMhlaba yosuku olulodwa ka-2022 e-India kusukela ngo-Okthoba 5. 

AmaProteas azovula lo mqhudelwano ngokubhekana ne-Qualifier ngo-Okthoba 7 bese abhekane ne-Australia ngo-Okthoba 13. 

Ningizimu Afrika izophinde idlale neQualifier ngo-Okthoba 17, ne-England (Okthoba 21).

EzikaTemba Bavuma zizoqedela imidlalo yamaqoqo ngokubhekana neNew Zealand, Pakistan, yi-India neBangladesh. 

Kuzobe sekucaca laphoke ukuthi amaProteas ayadlulela yini emzuliswaneni olandelayo okuyiSuper 8.

Imidlalo yeNdebe yoMhlaba yekhilikithi izoqala ngo-Okhtoba 5 ize isongwe ngoNovemba 19. 

Into ebimise i-ICC ekumemezeleni izinsuku umbango obukhona phakathi kwe-India nePakistan mayelana ne-Asia Cup. 

I-India yenqaba ukuthi ivakashele ePakistan nokwenza ukuthi iPakistan isabise ngokuduba iNdebe yoMhlaba. 

FUNDA NALA: Ususenethini yeKaizer Chiefs omunye ‘ufishi omkhulu’

La mazwe akwazi ukubhekana kuphela uma kukhona namanye asuke edlala nawo ochungechungeni lwemidlalo yekhilikithi. Uma kungenjalo awavakashelani.