OwamaProteas usethi khumu kwikhilikithi yomhlaba
UDwaine Pretorius obedlalela iqembu lesizwe lakuleli, amaProteas, usenqume ukuthi khumu ekudlaleni ikhilikithi ezingeni lomhlaba.
UPretorius udlale imidlalo engu-30 yeT20, engu-27 yosuku olulodwa nemithathu yeTest. Lo mdlali uveze ukuthi usefuna ukugxila emidlalweni yasekhaya yeT20 ukuze athole ithuba elikahle lokuba nomndeni wakhe.
Lo mdlali uqale ukudlalela iqembu lesizwe ngo-2016 kanti udlalele iNingizimu Afrika kwiNdebe yoMhlaba ka-2019 neyeT20 yeNdebe yoMhlaba ngo-2021.
“Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule ngenze esinye sezinqumo ezinzima empilweni yami yekhilikithi. Nginqume ukuthi khumu kulo lonke uhlobo lwekhilikithi yomhlaba,” kusho uPretorius esitatimendeni. “Ngesikhathi ngikhula iphupho lami elikhulu kwakuwukudlalela amaProteas. Ngangingazi ukuthi kwakuzokwenzeka kanjani kodwa uNkulunkulu wangipha ikhono nendlela yokuphumelela. “Konke okunye kwase kusezandleni zakhe. Ngizobeka umqondo wami kwiT20 nolunye uhlobo olufushane lwekhilikithi.”
Sdina Ngubo