iNedbank Cup

INatal Rich Boyz ingazibuyisa izinduku kwiDowns koweNedbank Cup?

IRichards Bay inethuba lokulungisa ihlazo engene kulona ngesizini edlule ngesikhathi ishaywa yiMamelodi Sundowns ngo 4-0 kwiNedbank Cup Last 32.

Ngalolo suku (ngoFebhuwari 4 ka-2022) iNatal Rich Boyz yahlazeka kakhulu kodwa ayidlalanga ibhola elibi kakhulu. Amagoli eSundowns abekwa phakathi uBradley Ralani, uRushine de Reuck, uPavol Safranko noPeter Shalulile.

Amaqembu azotholana phezulu kwiNedbank Cup Last 32 aqhathiwe ngoLwesine ebusuku eGoli. IDowns izophinde itholane phezulu neNatal Rich Boyz kulo mqhudelwano ngosuku nendawo okusazomenyezelwa yiPremier Soccer League (PSL).

Njengamanje iSundowns ivutha amalangabi njengoba ingabambeki emidlalweni yeDStv Premiership lapho izihola khona phambili ngamaphuzu angu-40. Ngakolunye uhlangothi iRichards Bay isendaweni yesithathu kwilogi ngamaphuzu angu-26, okuchaza ukuthi isele ngawu-14 kompetha kweligi.

Emdlalweni wakamuva weDStv Premiership iSundowns iphinde yashaya iRichards Bay ngo 2-0 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoJanuwari 6. Lokhu kwenza kubukeke sengathi iDowns izovele izidlulele kalula nje kubafana baseMhlathuze koweNedbank Cup.

Nokho u-Aubrey Modibe uthe akumele bayithathe kancane iNatal Rich Boyz ngoba nayo iyiqembu.
“Uma ubheka umdlalo wethu wokugcina nabo, badlale kahle kakhulu ngesiwombe sesibili. Kuzomele singazitheli ngabandayo,” kusho uModibe ngemuva kokuqhathwa kwamaqembu.

EzikaPitso Dladla zidlala kahle uma kubhekwa ukuthi yisizini yazo yokuqala le kwiPremiership. INatal Rich Boyz inyukele kwiPremiership ngemuva kokudla umhlanganiso kwiGladAfrica Championship (esibizwa ngeMotsepe Foundation Championship) ekupheleni kwesizini ka-2021/2022.

Sdina Ngubo