EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

Usevalelisile kwiTS Galaxy unozinti okhonjwa kwi-Orlando Pirates

By Sbongs Gumbi

UMelusi Buthelezi ubhalele iTS Galaxy incadi encane ebonga ithuba futhi evalelisa njengoba seziqinisile izinsolo zokuthi uya kwi-Orlando Pirates. 

Lo nozinti oseke avele nakwiBafana Bafana ubengomunye wabafunwa amaqembu amaningi njengoba neSekhukhune United beyizibhekile kuye. 

NeKaizer Chiefs ike yasifaka isicelo sokumthenga ngesikhathi ixoxisana neTS Galaxy ngoGiven Msimango. 

Nokho kubukeka sengathi igcine ithole uMsimango kuphela njengoba uButhelezi yena kuvela ukuthi iTS Galaxy imdayisele i-Orlando Pirates. 

“Ngiyohlale ngilibonga ithuba leli qembu elinginike lona,” ubhale kanje uButhelezi kwiFacebook ebonga kwiTS Galaxy. 

“Ngifuna ukuthatha leli thuba ngibonge umphathi uTim Sukazi noZiphozonke Hlubi ngokunginika leli thuba lokuba yingxenye yeqembu. 

“Ngibonga nokuthi banginike indawo egcine isiyikhaya kimi. Ngiphinde ngibonge kakhulu nakozakwethu.

“Bengingeke ngibe wutho ngaphandle kwabo. Ngibonge nethimba labaqeqeshi lonke ngethuba abanginikeza lona. 

“Nakubalandeli nje bebonke, ngiyabonga kakhulu,” kubhala lo nozinti odabuka eNquthu, KwaZulu-Natal.

UButhelezi ufike kwiGalaxy ngesikhathi iqeqeshwa uMabhuti Khenyeza ngemuva kokuvundululwa khona emakhaya ngakubo. 

Ufike kuleli qembu wazakhela igama njengoba egcine kunguye unozinti oqala imidlalo ngaphambi kukaVasili Kolak waphesheya.

Yize engalidalulanga igama leqembu aya kulo, kodwa sekuke kwavela kaningi ukuthi yi-Orlando Pirates enqobe umjaho wokumsayina. 

“Manje sekuyisikhathi sokuthi ngivalelise… Kimina niyohlezi niwumndeni obalulekile futhi engingasoze ngawukhohlwa empilweni yami,” kuphetha yena. 

FUNDA NALA: U-Ayanda Dlamini uxolisa ngomphumela ongase umqedele ispani

KwiPirates uyolibanga noSipho Chaine noRichard Ofori ijezi njengoba kuvela ukuthi uSiyabonga Mpontshane yena uzodedelwa. 

Nokho kungenzeka uMpontshane agcinwe ukuthi akhuthaze laba bafana uma kuwukuthi u-Ofori ugcina ngokudedelwa ukuba abuyele phesheya.