iDStv Premiership

Umbango womgadli ozoshaya amagoli amaningi uyashuba kwiPremiership

Umbango womgadli ozoshaya amagoli amaningi kwiDStv Premiership kule sizini ka-2022/2023 ubukeka uzoheha kakhulu kulokhu.

Njengamanje bathathu abadlali asebeshaye amagoli ayisikhombisa nokuyibona okubhekwe ukuthi bancintisane ngomklomelo womgadli ovelele ekupheleni kwesizini. Labo badlali uCaleb Bimenyimana weKaizer Chiefs, uBradley Grobler weSuperSport United noPeter Shalulile weMamelodi Sundowns.

UBimenyimana weChiefs ufike ivele seyiqalile iligi yaseNingizimu Afrika kodwa usekhombisile ukuthi uyawazi amapali lapho egxunyekwe ngakhona. Igoli lakhe lokugcina ulishaye bebhekene neLamontville Golden Arrows lapho bewine khona ngo 2-0.

UGrobler, obuye ahlushwe ukulimala, naye ukhombisa ukuthi uzowulwela lo mklomelo kule sizini. Lo mgadli, ozalwa nguLes Grobler owayegijima kwiMoroka Swallows, ushaye igoli lakhe lesikhombisa ngesikhathi behlula iMarumo Gallants ngo 1-0.

UShalulile ubuye kwezwakala ngoLwesibili eshaya igoli lakhe lesikhombisa lesizini. behlula iChippa United ngo 2-1. Lo mgadli waseNamibia uke wahlala isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala. Kuke kwavela nemibiko yokuthi usefuna ukushiya eqenjini ngoba kukhona amaqembu aphesheya amfuna uthuli. Kuthiwa uke waduba nokuziqeqesha neqembu kodwa langayingena indaba yakhe yokuthi ufuna ukuhamba njengoba esabanjwe yinkontileka yeminyaka emihlanu yonke.

Abanye abadlali abazofaka ukushisa ekuwineni umklomelo womgadli ohamba phambili oCassius Mailula weSundowns onamagoli amahlanu, uDarwin Gonzalez weCape Town City, u-Etiosa Ighodaro weChippa United, uVictor Letsoalo weSekhukhune United, uKhanyisa Mayo weCape Town City noJunior Mendieta weStellenbosch FC. Bonke laba badlali banamagoli amane emunye.

Imidlalo isavuma ukuthi kube khona umdlali ongashaya okungasenani amagoli angu-15 njengoba kusasele imidlalo engu-15 yonke ukuthi kusongwe isizini.

Sdina Ngubo