EzakamuvaIbhola lombhoxoiDStv Premiership

IKaizer Chiefs ithi nje ‘chooo’ kowaduma kwiBafana oswele iqembu

Sekuvele ukuthi ngeke sifezeke isifiso sikaKamohelo Mokotjo sokugqoka imibala yeKaizer Chiefs njengoba leli qembu limchithile. IChiefs beyinikwe ithuba lokusayina lo mdlali okumanje akanaqembu kulandela ukushiya kwakhe kwiFC Cincinati yase-USA. Ngokubika kwabeSABC Sport, uMokotjo ubezimisele ngokubuya kuleli azogijima kwiKaizer Chiefs.

Nokho lo mthombo wezindaba uthi Amakhosi, aholwa ngu-Arthur Zwane, abongile ngethuba lokunikwa lo mdlali kodwa athi wona ngeke akwazi ukumthatha. Bekubhekwe ukuthi asayine lo mdlali oneminyaka engu-31 ukuthi azovala isikhala esivuleke ngesikhathi ededela uNjabulo Blom ngasekuqaleni konyaka. UBlom udayiselwe iqembu lase-USA iSt Louis FC ngemuva kwezingxabano phakathi kwakhe neChiefs ngodaba lokuvuselelwa kwenkontileka.

IChiefs beyingafuni ukumnyusela imali ngendlela abefisa ngayo kwaze kwagcina sekumuncu isimo.


Kwase kuke kwavela nokuthi amaqembu afana neMamelodi Sundowns, SuperSport United ne-Orlando Pirates acuthile ukubona isiphetho. Nokho asale ekhexile esedayiselwa iqembu laphesheya ekupheleni konyaka odlule, wabe esesayina kulo ngokugcwele manje ngoJanuwari.

FUNDA NALA: IChilli Boys nesikweletu sokushaya iDowns okokuqala emlandweni


UMokotjo udlale phesheya isikhathi eside njengoba agcina kuleli ngo-2009 edlala kwiSuperSport. Wasuka kuleli waya eHolland la edlale khona isikhathi eside kwiFC Twente ngaphambi kokudlulela e-England. KwelamaNgisi udlale kwiBrentford isikhathi eside wabe esedlulela kwelamaMelikana la abehola khona imali ebalelwa ku-R15-million ngonyaka. Mhlawumbe yiyo indaba yemali ehlehlise iKaizer Chiefs kulo mdlali kwazise ivele inawo ‘amakhehla’ ayo ahola kakhulu. Ngokombiko wabeSABC Sport, uMokotjo wakusho engcoxweni nabeMetro FM ngo-Agasti ukuthi angalijabulela ithuba lokudlala kwiChiefs.

Sbongs Gumbi