UMalesela uyazibamba ekugxekeni abadlali beGallants ngokubhacaza
Yize engafuni ukukhomba umunwe kubadlali bakhe, uDan Malesela ocija iMarumo Gallants kodwa akakufihli ukuthi akeneme ngendlela iqembu lakhe elenza ngayo emidlalweni yeDStv Premiership.
IGallants iphinde yalahla amaphuzu ngesikhathi ibambana neStellenbosch FC ngo 1-1 emdlalweni weligi eDanie Craven Stadium, eKapa, ngoLwesithathu ebusuku. EzikaMalesela zishaye igoli lokulinganisa sekuvalwe amehlo ngomzuzu ka-89 nelize noChivavira.
IStellies ibihambe phambili ngegoli likaJunior Mendieta ngomzuzu ka-50. Lo mdlali wase-Argentina ubeseshaya igoli lakhe lesihlanu emidlalweni yeligi kule sizini ka-2022/2023.
UMalesela uthe kumele bayeke ukulokhu bebamba beyeka emidlaweni okumele bayiphathe futhi bayiwine kalula.
“Sizithola sekumele silwele ukubuyela emdlalweni singekho isidingo sokwenza lokho. Yini ebesiyilwela ngaphambi kokuthi sibaphe ibhola nokuholele ekutheni bashaye igoli?” kubuza uMalesela ngemuva komdlalo.
“Yinto efanayo njalo nje esiyenzayo. Ngesonto elidlule bekuyinto efanayo, ngesikhathi sibhekene neSekhukhune (United} senze into efanayo. Sihlale senza okufanayo kuyona yonke imidlalo.”
IGallants izithola isendaweni yesibili ukusuka emsileni ngemuva kwemidlalo engu-16 esiyidlalile yePremiership. Inamaphuzu angu-14 kanti iqembu elingemuva kwayo iMaritzburg United, linamaphuzu afanayo emidlalweni engu-15.
“Angifuni ukugxeka abadlali ngoba lokho akulungile kodwa kumele senze kangcono. Ngeke amaqembu asihlasele ngokuzuma uma sikwazi ukugcina ibhola, kumele sikhululeke ebholeni,” kugcizelela uMalesela.
“Uma nje singalilahli kalula ibhola akukho okuzokwenzeka ebesingakulindele. Mhlawumbe emdlalweni ngamunye singazihambela kalula noma siwine futhi sikhululeke ngendlela esiwine ngayo.”
IGallants kuzomele izame ukuwina uma isibhekene neRichards Bay FC emdlalweni weligi eRoyal Bafokeng Stadium, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
Sdina Ngubo