IChilli Boys nesikweletu sokushaya iDowns okokuqala emlandweni
IChippa United ayikaze iyishaye nakanye iMamelodi Sundowns selokhu yaqala ukudlala esigabeni esikhokhelayo eNingizimu Afrika.
Leli qembu likaSiviwe “Chippa” Mpengesi selizame kaningi ukushaya Abafana Ba’style kodwa kwangalunga. IChilli Boys seyizame kawu-19 ukuwina kwiDowns kodwa yehluleka. Ikwaze ukudlala ngokulingana kayisikhombisa kuphela nompetha beligi.
IChippa inomqansa onzima okumele iwukhwele njengoba izobhekana neSundowns emdlalweni weDStv Premiership eLoftus Stadium, ePitoli ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku. Ngaphandle kokuthi kumele ishaye leli qembu laseChloorkop okokuqala emlandweni, kuzofanele iphinde ishaye igoli kulona okokuqala ngemuva kwemidlalo emihlanu.
ISundowns ayidedeli lutho emuva nokuzokwenza kube nzima kakhulu kwiChilli Boys ukuthi ithole igoli ngoLwesibili ebusuku. Emdlalweni wokugcina ewudlalile iChilli Boys ishaywe yiSwallows FC ngo 2-0 ngoJanuwari 6. Ngaphambi kwalokho ibambane neStellenbosch ngo 1-1 ngoDisemba 30.
Indlela okwenzeka ngayo kwiChilli Boyz, eqeqeshwa uMorgan Mammilla, amagoli awaqhamuki kahle kuleli qembu. Emidlalweni engu-15 isashaye amagoli angu-17 kanti iSundowns abazobhekana nayo seyihlohle amagoli angu-30 emidlalweni efanayo. KwiSundowns bonke abadlali bayakwazi ukushaya amagoli ngisho nalabo abadlala emuva njengoba Mothobi Mvala.
Sdina Ngubo