U-Erasmus uphika eyenzondo ngeDowns, kodwa ufuna ukuyigila
Umgadli we-Orlando Pirates, uKermit Erasmus, ufuna ukukubeka kucace ukuthi abukho ubutha phakathi kwakhe neqembu lakhe lakudala, iMamelodi Sundowns.
Ukusho lokhu nje iPirates izilungiselela ukubhekana neSundowns kowamanqamu weMTN8 ngoMgqibelo, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
U-Erasmus ushiye iSundowns ngo-2022, akahambanga ke kahle njengoba kwadingeka akulwele ukuphuma kwakhe kuleli qembu ngenxa yokungafakwa eskimini.
Kumasizini amabili ekwiSundowns, u-Erasmus ukwazile ukuhlohla amagoli angu-10, wasiza ekushayweni kwamagoli ayisikhombisa emidlalweni engu-43.
Ufike kwiPirates wabonakala umehluko njengoba aba nesandla ekutheni leli qembu liwashise iSundowns ijezi esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu kwiMTN8 ngesizini edlule.
U-Erasmus uqinisekisa wonke umuntu ukuthi ayikho imizwa emibi anayo njengoba sebezobhekana neSundowns kowamanqami ngoMgqibelo.
“Ayikho imizwa esuke ingidudula uma ngidlala neqembu lami lakudala. Ngihlale amasizini amabili kuphela khona,” usho kanje lo mgadli kwabezindaba ngoLwesibili.
“Anginankinga nabo bonke abadlali babo futhi sisengabangani nabo. Lona umdlalo womabili amaqembu afuna ukuwunqoba.
“Abekho ke abangani kule mizuzu engu-90 ngoba sonke sisuke siyosebenza kanzima ukuze siphume nemiphumela, sinqobe.”
Uthi ukujabulele ukungena kowamanqamu wendebe yasekhaya okwesithathu kulandelana, futhi uyafunga ukuthi uzolwa ngayo yonke indlela ukuze aphine aphume ejabule.
Uphume ejabule kabili ngesizini edlule benqoba yona iMTN8 neNedbank Cup, beqeda indlala yeminyaka yezindebe kuleli qembu.
“Ngibusisekile futhi nginenhlanhla yokuba umdlalo wamanqamu,” kwengeza u-Erasmus. “Ababaningi abadlali abathola ithuba lokuba yingxenye yomdlalo wamanqamu. Ngizimisele ngokunikela ngakho konke engingakwenza ngosuku.”
Okunye okujabulisa lo mgadli oke wadlala nakwiBafana Bafana wukuthi iPirates ihlome iphelele njengoba nozakwabo abanamava abebelimele sebeluleme ngokugcwele.
“Kuhlale kukuhle ukuba nesikwati esigcwele esinabadlali abangakunikeza izinto eziningi ezahlukene…
FUNDA NALA: Isiqalile iyagqilaza eyama-Kaizer Chips, iCity ichukuluze iChiefs
“Ngakho-ke, kuyinto enhle futhi ngethemba ukuthi umqeqeshi ujabulile ngalokho. Njengoba ngishilo, okubalulekile wukusebenza kahle ngosuku lomdlalo.”