EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

UBrandon Truter ufakazela uDube ngolwamankwebevu kuMaZulu

Owayengumqeqeshi kuMaZulu FC uBrandon Truter, okumanje usekwiSekhukhune United uthi yiqiniso impela ukuthi leli qembu laseThekwini ligidagida ndawonye nje usthwala. 

Lezi zinsolo zokuthi uphuzo oludakayo ludla lubi kuMaZulu ziqale zavezwa nguPhumlani Dube maphakathi neviki. 

UDube ubize umhlangano nabezindaba la afike wakhininda lezi zindaba zokuthi kuphuza abasebenzi nabadlali ngokufanayo kuleli qembu. 

Impempe ibikile ngoMgqibelo ukuthi abaMaZulu bacabanga ukumthathela izinyathelo zomthetho umfokaDube ngoba besola ukubahlambalaza. 

Kodwa noBrandon Truter usephumele obala wathi yize ngazi ubani oveze lezi zindaba, kodwa ubengasengi ezimithiyo.

UBrandon Truter ukusho lokhu ngemuva komdlalo wezakhe iSekhukhune naMaZulu la ekhale khona ngaphansi ngo 2-0 ngoMgqibelo kusihlwa. 

Lo mqeqeshi uke watshela Impempe phakathi neviki ukuthi ngokwakhe ubezomnqanda uManqoba Mngqithi ukuthi angayi kuleli qembu. 

Uthe kuzofana nokuthi uyolimaza igama lakhe elihle aselisebenzele kangaka uma uya kuMaZulu ngoba aphethwe ngobuhlathi obumangazayo. 

“Impela yiqiniso,” usho kanje uBrandon Truter ebuzwa ngalezi zinsolo zotshwala ngemuva komdlalo. 

“Ngeke ngiqambe amanga ukuze ngivikele abantu abathile. Abadlali bebeza ejimini bedakiwe futhi yinto engabhekana nayo leyo. 

“Ngakho, noma ngabe ubani okuvezile lokho, ubekhuluma iqiniso,” kwengeza lo mqeqeshi owaxoshwa ngoba ephikwa yimiphumela kuleli qembu. 

UTruter uyivumile nenduku yoSuthu, wathi vele ayimmangazi ngoba leli qembu lingashaya noma wubani ukube nje azikho lezi zinkinga zotshwala. 

FUNDA NALA: Ramovic: ‘Yihlaya ukuthi iPirates ijabulele indawo yesibili kwilogi’

“AmaZulu engayithola imiphumela enjena. Bakukhombisa lokho beshaya iKaizer Chiefs ngo 4-0 ngoJanuwari. 

“Inkinga ngicabanga ukuthi ukuzinikela nendlela yokuziphatha… Kukhona abantu ababolile kuleliya qembu. Ngazibonela ngawami lokho.” 

By Sbongs Gumbi