EzakamuvaiDStv Premiership

UZwane uvuma eyokuhubha ‘utalagu’ kweKaizer Chiefs kwiligi

IKaizer Chiefs akuselula iyithole indawo yesibili kwiDStv Premiership kulandela ukushaywa kwayo yiSekhukhune United ngeSonto ntambama. 

Leli wembu laseSoweto lishaywe yiSekhukhune ngo 1-0 emdlaleni weligi obusePeter Mokaba Stadium.

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, uvumile ngemuva kwalo mdlalo ukuthi sekufana nokujaha utalagu ukufuna indawo yesibili kwabo. 

“Ngicabanga ukuthi siwuqale kahle umdlalo futhi bekubukeka sizolithola kuqala kunabo igoli,” kusho uZwane ngemuva komdlalo. 

“Bathole igoli singazelele njengoba bekuyithi esiphambili ngomdlalo. Sihlulwe wukuvala izikhala. 

“Ukusuka lapho bese sizama ukubuya emdlalweni futhi bekubukeka singalithola igoli. 

“Kodwa angikholwa wukuthi besibukhali ngendlela efanele phambili. Besithi uma singena ebhokisini sihluleke. 

“Bavale kahle nabo emuva, abangisinika ithuba lokuthola intuba yokusondela epalini labo. Siyababongela.”

UZwane wenze izinguquko ezinqala esiwombeni sesibili, ekhipha abadlali basesiswini efaka abagadli. 

Ukhiphe uKeagan Dolly wafaka uCaleb Bimenyimana, wakhipha noCole Alexander, wafaka uMduduzi Shabalala.

Uthi lokhu bese kufana nokugembula ngoba ebona ukuthi isikhathi siyahamba kodwa ibhodwe alibasele alivuthwa.

“Bekumele sigembule, sifake abadlali baphambili abaningi ukuzama ukubafakela ingcindezi. 

“Kucishe kwasebenza lokho ngoba besazi ukuthi bavele bathumele amabhola phambili bese bezama ukusizuma ngazowa esuka lapho. 

“Thina obekumele sikwenze ukuthi sidlale amabhola ezindaweni ezifanele la sizoalimaza khona. 

“Kukhona isikhathi la ebengibona sengathi siligcina kakhulu ibhola emuva kube kunabadlali abasezikhaleni phambili. 

“Sishaywe yizinqumo zethu uma siya phambili futhi kumele senze kangcono kulokho. Besingenza kangcono ngokwakha nokusebenzisa amathuba.”

Sekunzima kwiKaizer Chiefs ukuthola indawo yesibili

IKaizer Chiefs isilele emuva ngamaphuzu amahlanu kwi-Orlando Pirates esendaweni yesibili, namabili kwiSuperSport United ekweyesithathu.

“Manje amathuba okuqeda endaweni yesibili asenciphe kakhulu futhi kumele sizisole thina ngalokho. 

“Besinalo ithuba namuhla lokusondela. Besisele emuva ngamaphuzu amabili. Manje sekumele sibone emidlalweni ezayo ukuthi simisa kanjani.”

IKaizer Chiefs yiyo ethole ithuba kuqala kulo mdlalo ngomzuzu wesibili kodwa u-Ashley Du Preez wavele watatazela qede walikhomba esibhakabhakeni ibhola. 

Kuthe kusaphele imizuzu emibili ukusuka lapho, iSekhukhune yalithola elokuhamba phambili. 

Liqhamuke ngemuva komnyakazo omuhle ka-Elias Mokwana kwesokudla. Ube esegoba ibhola elifaka ebhokisini. 

Lihlangane noSammy Seabi obengamakwe muntu, wathi ngibonwa yini qede walinameka enethini. 

Nokho iKaizer Chiefs ayizange ithithibale ngemuva kwaleli goli kodwa iqhubekile nokucindezela futhi yiyo ebihlasela njalo. 

Kodwa ke bekuthi uma seyibheke emapalini eSekhukhune, bese itatazela igcine ingakwazanga ukuwasebenzisa ngendlela efanele amabhola ayo. 

Ithuba elihle leChiefs liwele kuYusuf Maart ngomzuzu ka-26 ngesikhathi ethola ibhola ebeligotshwe uKeagan Dolly ngakwesokunxele. 

UMaart naye uvele watatazela, wazama ukudedela isigubhu seshodi ngonyawo lwesinxele, kodwa washaya ushumpu ophume phezu kwamapali. 

FUNDA NALA: IChiefs iyaphoqeka ukwenyula enkulisa ukuze iqinise kwelePremiership

Ibe nenhlanhla ke iChiefs ukuthi iSekhukhune ingabekelwa iphenathi ngomzuzu ka-29 ngesikhathi uDillan Solomons ewisa uVictor Letsoalo. 

Uma ubheka okokuqala, bekungathi alukho olubi alwenzile uSolomons. Kodwa imifanekiso yethelevishini ikuvezile ukuthi uqale ngokudla iqakala kuLetsoalo. 

Kuyiwe ekhefini kusahamba phambili iSekhukhune ngo 1-0. Ibuye seyivale kangcono emuva esiwombeni sesibili, yakwazi ukuthola amaphuzu amathathu. 

Sbongs Gumbi