Ingene kwelibi ihlazo iPirates iwasha ijezi kwiChampions League
Kubhimbile kwi-Orlando Pirates futhi iphupho lokwengeza inkanyezi yesibili ebhejini yayo livele lashabalala iwashiswa ijezi kwiCaf Champions League.
Ishaywe yiJwaneng galaxy yaseBotswana ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokuthi umdlalo womlenze wesibili uphele ngo 1-0 kuwina zona eZimnyama.
IJwaneng yayiwunqobe ngo 1-0 nayo umlenze wasekhaya okwenze ukuthi indaba iyoqedelwa phansi kwepali e-Orlando Stadium.
Kube uRelebohile Mofokeng ogeke iphenathi yakhe nokuyikho okufake iPirates ehlazwnei elibi lokuphuma ekuseni kulo mqhudelwano.
IPirates bekucacile ukuthi ingenele into eyodwa enkundleni – ukuyofuna igoli futhi lokho ikwenze umdlalo usuka nje.
Kodwa ifice iJwaneng ihleleke kahle emuva futhi ivele iyichithe yonke imizamo yayo. Beyazi ukuthi ukuqhubeka komdlalo kuzokwandisa ingcindezi kwiBucs.
Yize amathuba evelile, kodwa kuze kwayiwa ekhefini zisabambene kungekho goli. Ekuqaleni kwesiwombe sesibili, uJose Riveiro wenze ushintsho.
Ukhiphe uNdabayithethwa Ndlondlo, wafaka uKarim Kimvuidi endaweni yakhe. Ngokuqhubeka kwawo ulande noZakhele Lepasa, wafaka u-Evidence Makgopa.
Lolu shintsho lusebenzile njengoba uMakgopa ebuyisele iPirates emdlalweni ngomzuzu ka-65, ebeka enethini ibhola kulandela isidididi ebhokisini leJwaneng.
Iwakhile amanye amathuba amaningi iPirates njengoba kuyiyo ebilawula umdlalo, izingenela iphindelela ebhokisini leJwaneng.
Futhi bekumele ukube iPirates ishaye amanye amagoli okungenani amathathu ngaphezu kwaleli likaMakgopa.
Njengoba lo mdlalo uphele ngo 1-0 kunqoba iPirates, lokho bekusho ukuthi ngu 1-1 uma sekuhlanganiswe imilenze yomibili.
FUNDA NALA: Sebenezesheli abakhululwe yiDowns, uMakgalwa ukhonjwa e-UAE
Kube sekuyiwa phansi kwepali la indaba ifike yaqedelwa khona, kwabe sekuba wukubheda kwezinto ke kwiPirates, yaliwasha ijezi.