EzakamuvaiDStv Premiership

UNabi usegcine ethuliwe yiChiefs njengomqeqeshi wayo

SIHLE NGUBO

IKaizer Chiefs seyigcine imethulile ngokusemthethweni umqeqeshi uNasreddine Nabi, ngemuva kwesikhathi eside kulindwe ukufika kwakhe.

UNabi ujoyine iChiefs lapho ilungiselela khona isizini entsha eTurkey. IChiefs ifake ividiyo lapho yamukela khona uNabi ngeSonto ebusuku.

“Siyajabula ukwamukela umqeqeshi uNasreddine Nabi emndenini waMakhosi. Sesese ukuba nawe mqeqeshi,” kusho isitatimende seChiefs.

Lo mqeqeshi waseTunisia kuthathe isikhathi ukuthi afike kwiChiefs ngoba ubesabambeke eqenjini lakhe elidala i-AS FAR yaseMorocco. Leli qembu lishaywe yiRaja Casablanca ngo 2-1 kowamanqamu wendebe yokuvala isizini, iThrone Cup, ngoMsombuluko odlule.

Nakwiligi iBotola Pro League iCasablanca, eqeqeshwa uJosef Zinnabauer, iyona edle umhlanganiso yasala imunca izithupha i-AS FAR kaNabi. Lo mqeqeshi uxolisile ngokuthi akanqobanga lutho naleli qembu, wase evalelisa njengoba esenekhaya elisha eNaturena.