IRoyal AM seyilawulwa yiSARS, ivuma eyokungabaholeli abadlali
SIHLE NGUBO
IRoyal AM, edlala kwiBetway Premiership, seyikhiphe isitatimende lapho ivuma khona ukuthi inenkinga yemali futhi ngempela abadlali abaholanga ngoDisemba.
Ekuqaleni kwaleli sonto iChippa United izwakalise ukungenami ngokuhlehlishwa isigubhukane komdlalo wayo neRoyal AM, yiPremier Soccer League (PSL).
Lo mdlalo weBetway Premiership bekumele ube seNelson Mandela Bay Stadium, ngoMgqibelo ngo-5.45 ntambama.
Okucanule iChippa ukuthi iPSL ayizange icacise ukuthi kungani umdlalo uhlehlisiwe, kanti yona bese yenze konke okuthinta amalungiselelo awo (umdlalo).
Kuvelile ukuthi abadlali beThwihli Thwahla banqume ukungalubhadi ejimini ngoba bengawatholanga amaholo abo ngoDisemba.
Ngokwesitatimende esikhishwe yileli qembu elidlalela imidlalo yalo yasekhaya eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, kuliqiniso ukuthi abadlali abaholanga.
“IRoyal AM Football Club ifisa ukucacisa isimo esingesihle esimayelana nokungakhokhwa kwamaholo ngoDisemba,” kusho isitatimende esithunyelwe yiRoyal AM.
“Lokhu sekuphazamise abadlali bethu esibathandayo, yithimba labaqeqeshi nabanye abantu abaqashiwe eqenjini.
“Siyabuqonda ubunzima osebudalwe yilokhu futhi sifisa ukuxolisa kakhulu kulabo abathintekayo, kumbandakanya nemindeni yabo.
“Njengoba abaningi bazi, iqembu lingaphansi kwabaqoqi (bemali) kulandela umyalelo wakwaSARS. Yize lokhu sekuholele ekuqokweni komqoqi (curator) wesikhashana, uJaco Venter, ukuthi abheke zonke izinto ezithinta iqembu, sifuna ukuqinisekisa bonke abasebenzisana neqembu ukuthi iRoyal AM izinikele ekutheni ixazulule lolu daba ngokushesha.
“Abaphathi beqembu abaholwa yisikhulu esiphezulu nemenenja jikelele, basebenza ngokubambisana nomqoqi ukuze bathole imvume efanele yokuthi kudedelwe imali ukuze kukhokhwe imiholo.
“Kuhlale kuyinqubomgomo yeRoyal AM ukubeka phambili izidingo zabantu bethu, futhi sizibophezele ukuqhubeka nalokho yize sibhekene nale nselelo.”
Ngasekupheleni konyaka edlule kugasele amaHawks emzini kaShauwn “MaMkhize” Mkhize, nalapho kuvele khona ukuthi ukweleta iSARS u-R35 million.
Kube sekuthathwa izimoto zakhe ezibizayo kanti sekucacile ukuthi konke akusekho ezandleni zakhe njengoba izinto ezithinta iqembu seziphethwe umqoqi.
Izinkinga zeThwihli Thwahla azipheleli lapho njengoba isakwaleta uSamir Nurkovic imali elinganiselwa ku-R12 million, kanti le mali ilokhu ikhula nsuku zonke. UNurkovic, owafika kuleli ezodlalela iKaizer Chiefs evela eSerbia, usegijima kwiSuperSport United.
Ukuhlehliswa komdlalo weChippa neRoyal AM kuzomqhatha nolaka lwePSL uMkhize, nokuzokwenza zikhule izinkinga zakhe ezithinta imali.
Ngesizini edlule iMoroka Swallows ihlawuliswe u-R1 million yiPSL, kulandela ukwehluleka ukuya emidlalweni emibili yePremieship. Owokuqala umdlalo yayizowudlala neMamelodi Sundowns kanti komunye yayizobhekana neLamontville Golden Arrows.