ISundowns iyayazi indlela i-Arrows engayidumaza
Sihle Ngubo
UGrant Kekana weMamelodi Sundowns uthi bayabazi abadlali beLamontville Golden Arrows okumele babaqaphele uma sebebhekene naleli qembu.
Abafana Ba-Style bazokwamukela Abafana Bes’thende emdlalweni weDStv Premiership eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngoLwesibili ngo-5 ntambama.
Womabili la maqembu awakashaywa kweyeligi njengoba iSundowns iyawine yomibili imidlalo eyidlalile, kanti i-Arrows idlale ngokulingana kowodwa yase iwuwina omunye.
“Siyazi bayiqembu eliyingozi uma behlasela ngokuzuma. BanoKnox Mutizwa noRyan Moon abavele bathushuke ezikhaleni benze umonakalo,” kusho uKekana owayedlalela iSuperSport United.
“Kuzomele sibaqaphele ngoba uma benza kanjalo kuphinde kuqhamuke abadlali basophondweni nabo abayingozi kakhulu.”
I-Arrows ibingadlali ngempelasonto ngoba ayiyona ingxenye yeMTN8. Ngakolunye uhlangothi iSundowns ibibhekene neMoroka Swallows lapho iwine khona ngo 1-0.
Lokhu kuchaza ukuthi Abafana Bes’thende baphumule kahle kodwa akumhluphi uKekana.
“I-Arrows idlala kahle… Isadlale ngokulingana yase iwina umdlalo owodwa. Nokho lesi simo sokudlala imidlalo esondelene sesijwayele futhi siya emdlalweni sizilungisele kahle.
“Angisakwazi ukulinda ukuthi ngibe senkundleni,” kubeka uKekana. Ube eseqedela ngokuthi abalandeli abaphume ngobuningi babo ngoLwesibili.
Kuyaziwa ukuthi ompethe beligi banokwesekwa okuyisimanga uma bedlalela ekhaya ePitoli.
Emdlalweni wokugcina weligi iSundowns ishaye iKaizer Chiefs ngo 2-1 khona ekhaya eLucas Moripe Stadium.
FUNDA NALA: URiveiro nesifiso kubalandeli bePirates ngoZakhele Lepasa
I-Arrows nayo igcine iwine ngo 2-1 ibhekene nomkhaya iRichards Bay FC.