EzakamuvaiDStv Premiership

IRichards Bay ingaziphephisa ezembeni ngokuguqisa iDowns

IRichards Bay FC kumele izibeke yona ebuhleni ngokushaya ompetha beDStv Premiership iMamelodi Sundowns ngoLwesibili.

Leli qembu laKwaZulu-Natal liwadinga ephelele amaphuzu njengoba lizovakashela Abafana Ba-Style eLoftus Stadium, ePitoli, ngo-3 ntambama ngoLwesibili. 

INatal Rich Boys, okuyisiteketiso seRichards Bay, ilele endaweni yeshumi ngamaphuzu angu-32. 

Ukunqoba kwiSundowns kuzoyibuyisela kwiTop 8, iphinde ibalekele izembe ngokuphelele.

IRichards Bay iyiqale kahle isizini inqoba imidlalo kodwa muva nje amasondo akhombise ukukhumuka. 

Imiphumela yakamuva ikhombisa ukuthi iNatal Rich Boyz kumele ibhukule manje ukuze ithole indawo kwiTop 8.

ISundowns abazobhekana nayo seyilwela ukwephula amarekhodi ayo kuphela njengoba ivele ingompetha beligi. 

Seyibheke ukudlula irekhodi layo lamaphuzu angu-71 nokuwina imidlalo engaphezulu kwengu-22 kwisizini eyodwa. 

Nerekhodi lamagoli amaningi inethuba lokulephula isizini ingakagoqwa.

ISundowns inakho ukukhombisa ukukhathala emidlalweni yasekhaya nokufakazelwa ukuwashiswa kwayo ijezi yiStellenbosch FC kwiNedbank Cup. 

Mhlawumbe iRichards Bay kumele isebenzise lokho ukuze ibuye namaphuzu aphelele ePitoli.

Akungabazeki ukuthi lo mdlalo uzoba ngonzima kuwo womabili lamaqembu kwazise awadingela izizathu ezehlukene amaphuzu.

Lapha sibheka abadlali abangaze babe nomthelela ekutheni iqembu labo lenza kanjani kulo mdlalo.

FUNDA NALA: USiya Kolisi angase angayi eNdebeni yoMhlaba

IRichards Bay:

Mpho Mathebula: Umqeqeshi uVasili Manousakis umchaze njengomdlali osezingeni eliphezulu kakhulu uMathebula ngemuva komdlalo wabo neMaritzburg United ngempelasonto. 

Lokhu kuzomfaka umfutho lo mfana ofaniswe noTeko Modise yilo mqeqeshi. Ikhono lakhe lokulawula isivinini somdlalo nokushaya amaphasi amahle lizodingeka. 

Sanele Barns: UBarns udlale kahle kakhulu ngesikhathi bebambana neMaritzburg United, futhi nguye oshaye igoli leRichards Bay. 

Njengoba iRichards Bay ithembela kuye uma ihlasela, kuzomele awasebenzise ngendlela efanele amathuba avelayo kwiSundowns engaphisani ngebhola kalula. 

IMamelodi Sundowns:

Gaston Sirino: UBesebhentshini emdlalweni weCaf Champions League ngempelasonto kodwa kungenzeka anikwe ithuba kulo mdlalo. 

Namanje uSirino usangomunye wabadlali abahle kakhulu kuleli futhi uma esefomini wenza izimanga zenzeke. 

Bongani Zungu: NoZungu naye akalitholanga ithuba lokudlala e-Algeria okuzokwenza ukuthi abe sesimweni esingcono ngokokutubeka komzimba. 

Cishe kuzothenjelwa kuye ukuthi abambe isisu kwiSundowns, aqinisekise ukuthi okuzanywa iRichards Bay uyakuhlakaza kungakasondeli odongeni lwasemuva.