EzakamuvaIbhola

OweSuperSport ucacisa okwenze achithe uKhama Billiat

Umqondisi weSuperSport United, uStanley Mathews usekuqinisekile ukuthi ngeke amsayinise uKhama Billiat.

Lo mdlali waseZimbabwe uke wazicija neSuperSport kwabe sekuqubuka amahlebezi okuthi uzosayina kuleli qembu.

Kuphinde kwathuka abaningi engasabuyeli ejimini yaleli qembu ngoMsombuluko, abanye bathi usephinde waduba njengoba enza kwiKaizer Chiefs.

UKhama Billiat wahamba engavalelisile kwiChiefs ngaphambi kokuqala kwesizini yize leli qembu lalinesifiso sokumelulela inkontileka. 

Lo mdlali, owazakhela igama kwiMamelodi Sundowns la ayevutha engabaselwe khona, kumanje akanaqembu. 

Ekhuluma neMpempe kuleli viki, uMathews, okunguye osayina abadllai kwiSuperSport, uthe bamtshelile ukuthi akayozama kwenye indawo.

“Ngibone kungcono ukuthi ngimtshele ukuze aqhubekele phambili angamoshi isikhathi sakhe,” kusho uMathews.

“Thina asinayo imali yokusayina uKhama Billiat njengamanje. Thina siyiqembu elincane elingenayo imali. 

“Yena udinga imali esingenayo njengoba engumdlali ophambili. Azikho izingxoxo esibe nazo naye noma nemenenja yakhe gnokumsayina.”  

Uthe uBilliat ubecele ukuzojima neqembu, wavunyelwa kodwa wabona kungcono amcacisele ukuthi uma kuwukuthi yingoba ebheke ukusayinwa, akakhohlwe. 

“Kodwa sibonile ukuthi ngeke nhlobo silunge kulo mdlali. Ngimyekisile ukujima neqembu  ngoba ngiqonda ukuthi ujimela amahhala.” 

Kuvela ukuthi uzojima nje ubencengelwe ukaputeni weSuperSport, u-Onismore Bhasera kodwa kwale ngisho naye esemncengela. 

Impempe iphinde yathola ukuthi ngemuva kokugeja kwiSuperSport, uBilliat usebuyele kwelakubo eZimbabwe.

Kuthiwa imphatha kabi eyokuthi alikho iqembu elifuna ukumnika le mali ayibhekile kwazise uzakhelile igama kwiDStv Premiership.

Nokho kuthiwa akulahlwa mbeleko ngakufelwa, kanti naye kuvela ukuthi uyaqhubeka nokubheka lapho angase adlale khona.