EzakamuvaIbhola lombhoxo

USiya Kolisi angase angayi eNdebeni yoMhlaba

Kusatshelwa ukuthi ukaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, angase aphuthwe yiNdebe yoMhlaba ka-2023 kulandela ukulimala edlalela iCell C Sharks ngempelasonto.

USiya Kolisi ulimale edolweni ngesikhathi iSharks ibhekene neMunster emdlalweni weVodacom URC ngempelasonto. 

Uma ehlinzwa edolweni angase ahlale isikhathi eside engadlali, nokungasho ukuthi ngeke abe khona kwiNdebe yoMhlaba eFrance ngasekupheleni konyaka.

Lo mdlali ogqoka unombolo 6 ube ngukaputeni wokuqala emnyama ukuqukula iNdebe yoMhlaba namaBhokobhoko ngo-2019 eJapan. 

FUNDA NALA: Nengomasha: Siyafa yindlala ngenxa yesinqumo seFifa

Ngaleso sikhathi ubedlalela iStormers kodwa ngemuva kwalokho ube esesayina kwiSharks.

USiya Kolisi ubedlala kokugcina egqoke imibala yeSharks njengoba ngemuva kweNdebe yoMhlaba ayodlala eFrance. 

ISharks izovakashela iLeinster lapho iyodlala khona umdlalo we-quarterfinal ngempelasonto.

USiya Kolisi usebone odokotela ababili futhi bonke bathe ayikho enye indlela, kumele angene ethiyetha ayohlinzwa.

Nokho kuvela ukuthi usafuna ukuya kowesithathu ake ayozwa ukuthi naye ubona ngendlela efanayo yini nalaba ababili asebuya kubo.