EzakamuvaIbhola

UGordinho uncoma uKhune, uveza amsiza ngakho 

Umdlali wasemuva weCape Town City FC, uLorenzo Gordinho, uveze indlela unozinti ongumakadebona u-Itumeleng Khune amsiza ngayo ngesikhathi bendawonye kwiKaizer Chiefs.

UGordinho ubekwiChiefs iminyaka eyisikhombisa, kusukela ngesizini ka-2013/14 waze washiya ekupheleni kweka-2019/20. 

Uqale ukugqama eqenjini lenkulisa leChiefs eseneminyaka engu-20, wakhushulelwa eqenjini elikhulu. 

Ngesikhathi esekwiChiefs, uGordinho udlale imidlalo engu-69 kuyona yonke imiqhudelwano washaya amagoli ayisikhombisa. 

Ube nesandla empumelelweni yeqembu, njengoba lanqoba izicoco zeligi ngesizini ka-2012/13 neka-2014/15.

Yize uKhune engunozinti ubambe elikhulu iqhaza ekusizeni uGordinho ngesikhathi efika eqenjini elikhulu. 

Engxoxweni abe nayo ne-FARPost, uGordinho uvume uKhune njengomdlali wokuqala ukumsiza ukuze asheshe ajwayele eqenjini elikhulu. 

“Ngu(Itumeleng) Khune owangisiza ukuthi ngizinze,” kusho uGordinho. 

“Naye uphuma esikhungweni seChiefs njengami. Wayehlale ekhona, evulelekile ukungeluleka, futhi kwakungemina ngedwa, kodwa iningi lentsha eqenjini.

“Kimina, ungomunye wabokuqala ukungeluleka ngendlela okumele ngenz engayo kuleli zinga. 

“Wayengisiza ukuthi ngiqonde ukuthi izinto zinjani eqenjini elikhulu nemigomo yakhona. 

“Eqinisweni, lokho kwangisiza ukuba ngithuthuke kakhulu.

“Ubekwenza lokho ngaso sonke isikhathi, isizini nesizini. 

“Kuyasiza ukuqinisekisa ukuthi (abadlali abasuka enkulisa) basheshe bajwayele isimo eqenjini elikhulu.”