EzakamuvaIbhola

Owe-Orbit College uveza okuningi ngoSaleng abamboleke kwiPirates

SIHLE NGUBO

UMonnapule Saleng, ongumdlali we-Orlando Pirates embolekise kwi-Orbit College, kufanele ukuthi akeneme nakancane ngesimo azithola engaphansi kwaso, yize ezolithola ithuba lokudlala ngesizini ezayo.

Lo mdlali uzithole engadlali izinyanga eziyisithupha zonke, kulandela ukungaboni ngaso linye mayelana neholo lakhe kwiBucs.

IPirates ayikaze iphumele obala iqinisekise lokhu, yize bekulokhu kuputshuka ukuthi lo mdlali ubengasatholani nabaphathi beZimnyama.

Ziningi ezinye izinto ebezilokhu zibikwa ngalolu daba kodwa iPirates ibilokhu ithule du, ingaphawuli ngalo.

Nokho ukubolekiswa kwakhe kwi-Orbit College, esanda kunyukela kwiBetway Premiership, kuqinisekisa kona kukhona ukungezwani phakathi kwakhe nePirates.

Ngesikhathi kuvela ukuthi uzobolekiswa kuleli qembu, ebelidlala kwiMotsepe Foundation Championship, abalandeli beBucs bezwakalise ukukhathazeka ngoba bebesafuna ukumbona egijimela iqembu labo ngesizini ezayo.

Umqeqeshi we-Orbit College, uPogiso Makhoye, uzwakalise ukujabula ngokuphinde asebenzisane noSaleng, oke wadlala kuleli qembu ngaphambi kokuya kwiFree State Stars, asuke kuyona wasayina kwiBucs ngo-2001.

“Ngiyajabula kakhulu ukwamukela indodana ebuyile,” kusho uMakhoye kwiRadio2000.

“Namanje angikholwa. Ngicabanga ukuthi ngizokholwa uma sesibuyela ejimini, noma uma esethulwa ngokusemthethweni.

“Ungomunye wabadlali engicele abaphathi beqembu ukuthi bakhulume ngaye nePirates, ukuthi okungasenani basiboleke yena.

“Ngiyajabula ukuthi konke kuhambe kahle, savumelana. Ngijabule kakhulu ngesikhathi ngifunda ngalokhu, iPirates ikumemezela.”

Umbuzo omkhulu owokuthi ngabe yena uSaleng uneme yini ngokubuyela emuva ngemuva kokudlalela iqembu elikhulu njengePirates.

“Ubudlelwano bami noSaleng busuka kude eminyakeni eyisishiyagalombili edlule,” kusho uMakhoye.

“Ngamvundulula lo mfana esemncane, ngamletha eRustenburg. Ngisebenze naye iminyaka emithathu.

“Yingakho nje ngithi unjengendodana kimina. Yimina engamenza lo mdlali anguyena namuhla. Akekho omunye owazi lo mdlali ukwedlula mina.

“Ngiyalibonga leli thuba engilinikwayo ukuthi ngiphinde ngisebenze naye.

“Usevuthiwe manje, udinga ukuthi adlale njalo. Udinga ukuthi abuyele kwiBafana Bafana ngoba kuningi kakhulu asengakwenza.

“Uzongena khaxa lapha ngenxa yebhola esilidlalayo. Uyalazi iqembu. Uyalazi usiko (lweqembu).

“Useke waba lapha phambilini…njengoba ngisho yimina engamthuthukisa.

“Uyakwazi ukudlala ophondweni lwesokudla, kwesokunxele, unombolo 10 nanjengomgadli.

“Ushaye amagoli amaningi elapha, ikakhulukazi ngesizini yakhe yokugcina.

“Ngikhuluma naye zonke izinsuku. Ujabule kakhulu ngokuza lapha, ukube ubengafuni ukuza, lokho bekungeke kwenzeke.”

Iqembu likaMakhoye lizovula imidlalo yesizini ngokubhekana nompetha beligi, iMamelodi Sundowns.