Kushone umqeqeshi owanqoba isicoco seligi nePirates
SIHLE NGUBO
Kudlule emhlabeni umqeqeshi owawinisa i-Orlando Pirates isicoco seligi kumasizini amaningi edlule, uRoy Barreto.
Lo mqeqeshi ushone eseneminyaka engu-72 kanti asaziwa isifo esigcine simnqobile.
Ubesehlala ePortugal ngesikhathi edlula emhlabeni. UBarreto wanqoba isicoco seligi nePirates ngesizini ka-2002/2003.
Amanye amaqembu ake wawacija, yiFree State Stars neManning Rangers.
Ngokusho kwe-heraldonline izindaba zokudlula emhlabeni kukaBarreto, ziqinosekiswe umngani wakhe omdala u-Illan Elkaim, othe bese kunesikhathi eside egula.
“Ngibuhlungu kakhulu. URoy ubesegule isikhathi eside njengoba sekugcine kumele,” ucashunwe esho kanje.
UBarreto uqale ukuqeqesha eMutare, eZimbabwe, ngeminyaka yabo-1980, ngaphambi kokudlulela kwaBulawayo, lapho ajoyina ithimba labaqeqeshi leZimbabwe Saints.
Wasiza iChikwata ukuthi inqobe iChikubu Trophy ngaphambi kokuthi anqobe isicoco seligi nayo ngo-1988.
Ngo-1989, uBarreto wajoyina iHighlanders lapho aphinde waba nempumelelo enkulu.
Wasiza iBosso ukuthi inqobe isicoco seligi nendebe ngo-1990, ngaphambi kokuthi anqobe iPremier Soccer League yokuqala ngqa ngo-1993.
Wayeyingxenye yethimba labaqeqeshi leZimbabwe lapho ayeyiphini lomqeqeshi uReinhard Fabisch, ongasekho, ngesikhathi lenza kahle iqembu lesizwe.
Ushiye emhlabeni unkosikazi wakhe, uFazi, namadodakazi amabili, enye ihlala e-England kanti enye ise-Ireland.

