EzakamuvaIbhola

IChiefs ibabhekelele abaqeqeshi ebachithe eqenjini elikhulu

SIHLE NGUBO

IKaizer Chiefs yenze ubulungiswa kubaqeqeshi ebachithe eqenjini elikhulu ngokubanika umsebenzi ezinkulisa.

Kulaba baqeqeshi kukhona noDillon Sheppard obeyiphini lomqeqeshi kwiChiefs ngesizini edlule. Kuke kwavela ukuthi lo mqeqeshi ufunwa yiSuperSport United, ukuthi ayosiza uGavin Hunt, kulandela ushintsho ethimbeni labaqeqeshi leChiefs eqenjini elikhulu.

Nokho iChiefs ibanike imisibenzi emisha abaqeqeshi asebebe yingxenye yayo isikhathi eside. Lokhu kubukeka kuzokwenza inkulisa yayo iqhakaze.

U-Arthur Zwane uzoba yiSenior Academy, okuyisikhundla ebesiphethwe uCalvin Johnson ngaphambi kokuyobamba eqenjini elikhulu. UJohnson ukhonjwe indlela kulandela ukungenzi kahle kweChiefs ngesikhathi kubambe yena.

UVela Khumalo uzoqhubeka nokuba umqeqeshi weDStv Diski Challenge (DDC). Iphini lakhe kuzoba uSheppard onamava amakhulu nophethe i-Uefa Pro License.

U-Aubrey Mathibe, obengumqeqeshi wonozinti eqenjini elikhulu, uzoqhubeka nalesi sikhundla enkulisa yeChiefs. UMuzi Maluleke naye uzoqhubeka nokuba umqeqeshi ojimisa abadlali khona enkulisa.

Lesi sinqumo sibukeka sizokwenza iqine inkulisa yeChiefs bese ikwazi ukuqhubeka nokunyusela abadlali eqenjini elikhulu. NakwiDDC kubukeka kuzoqina njengoba kuzobamba uKhumalo noSheppard.