Okwenza iPirates ibuyise ebimbolekise kwiSwallows
I-Orlando Pirates isezinhlelweni zokuthi imbuyise omunye wabadlali ebibabolekise kwiMoroka Swallows njengoba kuvulwe iwindi lokusayina abadlali nje.
Leli qembu laseSoweto linabadlali ababili elibanike iSwallows kule sizini ngenhloso yokuthi bathole ukudlala njalo.
Kodwa ngenxa yezinkinga zezimali kwiSwallows, nokuthi i-Orlando Pirates inabadlali abalimele, sekuphoqe ukuthi imbuyise oyedwa.
Kuvele kunamahlebezi okuthi eziMnyama zifuna ukulanda mgadli uTshegofatso Mabasa bese zimdayisela AmaZulu FC.
Kodwa Impempe seyithole ukuthi leli qembu lifuna ukubuyisa noBongan Sam odlala emuva kwesokunxele.
I-Orlando Pirates isanda kuyelula inkontileka yalo mdlali yize ebebolekisiwe kulamasizini amabili edlule.
Umthombo osondelene naleli qembu uthe uSam uyadingeka kwiPirates njengoba u-Innocent Maela noPaseka Mako behlushwa wukulimala kule sizini.
Kuyiwe ekhefini leCaf Africa Cup of Nations emuva kwesokunxele kwiPirates kudlala uDeon Hotto.
Ngokujwayelekile uHotto udlala esiswini noma phambili njengoba emuhle kakhulu uma kuhlaselwa.
Nokho udlale kahle nasemuva. Nakwesokudla bekushokwe ngoFortune Makaringe kulandela ukulimala kukaBandile Shandu noThabiso Monyane.
“Iqembu libheke iminyaka kaMaela nokuthi njengoba eseqalile ukuhlaselwa wukulimala sekungenzeka angakwazi ukudlala njalo.
“Manje bebengeke ke bahlupheke kangaka benaye umdlali osezingeni elifanele njengoSam,” kusho lo mthombo.
“Izinkinga ezivele kwiSwallows zivele zenza kwalula ngoba nayo ivele isezinhlelweni zokuxegisa umthwalo wokuholela abadlali.”
Nokho kungenzeka iPirates ingaphumeleli kulo mzamo wayo njengoba kwakuvunyelwene ngokubolekana unyaka wonke.
Njengoba ebolekisiwe uSam, iSwallows ikhokha ingxenye yomholo wakhe, bese enye ikhokhwe yiPirates.
FUNDA NALA: Lizokhokha eshisiwe elifuna uVan Wyk weStellies
Lokhu kusho ukuthi ungomunye wabadlali abangayidli kakhulu iSwallows ezimalini.