EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

IMamelodi Sundowns seyicabanga ukumchitha umdlali ‘owutshani obuluhlaza’

Kuvela ukuthi iMamelodi Sundowns seyizama imizamo yokumchitha umdlali emsayine phesheya ethwelwe ngeqoma, kodwa osekuvele ukuthi uwutshani obuluhlaza – muhle uma ukude. 

ISundowns yethule lo mdlali enconywa kuthiwa uzolandela ezinyathelweni zikaGaston Sirino. 

Abanye baze bathi ukufika kwakhe kusho ukuthi uSirino usephelelwe yindawo kuleli lasePitoli. 

Nokho selokhu afika u-Erwin Saveedra usahlulekile ukukhombisa ukuthi le mali eshisiwe asayinwa ngayo yayifanele. 

Ngokombiko oshicilelwe ngabePhakaaathi kuleli viki, lo mdlali kungenzeka iMamelodi Sundowns imkhululwe abuyele ngakubo eBolivia.  

Nokulimala njalo kuthiwa ngenye yezinto ezimfakela isichitho lo mdlali eChloorkop.

USaavedra ufike kwiSundowns ngoFebhuwari nyakenye kodwa iseyishumi kuphela imidlalo ayidlalile. 

“Umdlali ofana noSaveedra kumele ngabe ufike nokuthile eqenjini,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

“Ngeke ukwazi ukulanda umdlali ngaphandle kodwa kungabi khona okuhlukile afika nakho. 

“Kukhona nokho abafuna ahlale – nomqeqeshi (uRulani Mokwena) ufisa kanjalo – kodwa abaphathi sebeqala ukulungabaza usizo lwakhe eqenjini. 

“Uzokhumbula ukuthi laba badlali bangaphandle abatholakali ngemali encane,” kuqhuba lo mthombo. 

Nakhona le ngakubo kuthiwa lo mdlali yize ebeyisihlabani, kodwa ubengebukhali uma kukhulunywa ngokushaya inethi. 

Emidlalweni engu-260 ayidlala kwiBolivar, washaya amagoli angu-47 nje kuphela. 

Kuthiwa into emenza angangeni egiyeni kwiMamelodi Sundowns wukuthi uhlezi elimele. 

“Umbuzo manje sekuwukuthi ngabe uyena ihluleka ukungena esitayeleni seMamelodi Sundowns, noma yiqembu elingafuni ukujika indlela elidlala ngayo ihambelane naye? 

“Ngesikhathi efika, kuthiwa wathenjiswa ukuthi uzodlala njalo kodwa manje akusenzeki lokho ngoba ababekubone esekude sekuphenduke utshani obuluhlaza.

FUNDA NALA: Kuvela umona we-Arrows eyamaka Usuthu lufuna uSaleng

“Akulona iphutha lakhe nokho ngoba uhlushwa wukulimala. Njengamanje kuzanywa ukuthola isixazululo ngaye. 

“Kungenzeka nokuthi abolekiswe ngesizini ezayo ukuze ayobuyisa ifomu,” kuqhuba lo mthombo.