EzakamuvaIbhola

Isimo seMoses Mabhida Stadium sizoshwebisa abalandeli imidlalo emikhulu

Bangase bawuzwe ngendaba abalandeli bebhola KwaZulu-Natal umdlalo wamanqamu weNedbank Cup okubhekwe ukuthi ube seMoses Mabhida Stadium, eThekwini. 

Le nkundla seyifana nekhaya lemidlalo yamanqamu kwiPremier Soccer League nengoba kuvamise ukuthi ilethwe kuyo. 

Nokho Impempe ithole ukuthi le nkundla seyibashayisa amakhala abePSL njengoba kuvela ukuthi iMoses Mabhida Stadium isiqalile ukubhudluka.

Intatheli yeMpempe izibonele ngokwayo imifantu esibonakala ezingxenyeni ezithile zale nkundla okuyizimpawu zokuthi kukhona okonakele ngayo.  

Sithole nokuthi iMoses Mabhida Stadium yiyo obekumele kubanjelwe kuyo umdlalo owandulela owamanqamu womkhaya baseSoweto iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ngoMeyi 6. 

Nokho iChiefs iqoke ukuwudlalela eFNB Stadium ngoba kwenqenwa ukuthi kuzoba nokukhala uma sekuyisw akuyo nowamanqamu. 

Le nkundla ingezinye ezidume umhlaba wonke nezakhiwa ngesikhathi kulungiselelwa iNdebe yoMhlaba eyayikuleli ngo-2010. 

IMoses Mabhida Stadium ithandwa kakhulu ngabahleli bemcimbi ngenxa yokuthi iphakathi edolobheni laseThekwini, okwenza abalandeli bafinyelele kalula kuyo. 

Le nkundla ike yaba nenkinga yokumumatha amanzi uma lina. 

Umthombo osebenza kule nkundla ukhale ngokushoda kwezinsiza zokusebenza okwenza ingagcineki ngendlela efanele. 

Impempe izamile ukuxoxisana nemenenja yale nkundla uVusi Mazibuko kodwa wavele wakhombisa ukunengeka.

Ngenkathi izintatheli zimcela ukuthi aphawule ngale nkundla, uMazibuko uvele wabhavumula ngolaka wathi ngeke asho lutho. 

Sekuvele nokuthi akuyona le nkundla kuphela enenkinga njengoba nezinye ezingaphansi komkhandlu waseThekwini zinezinkinga ngenxa ykunganakekelwa ngendlela efanele. 

FUNDA NALA: UKabelo Dlamini uveza imfihlo ngokubuya kwefomu yakhe kwiBucs

Izingqalasizinda zezemidlalo kuleli dolobha – okukhona kuzo nezokubhukuda emalokishini afana noMlazi naseNtuzuma azinamanzi, futhi sezagcwala amabhodlela otshwala.