OweSpurs ubona ‘bengawaphendula amatafula’, bajuqe iPirates
Iphini lomqeqeshi kwiCape Town Spurs, uVasili Manousakis, uselangazelele ukuhlola inqubekela phambili yeqembu njengoba lizobhekana ne-Orlando Pirates nje.
Uthi lo mdlalo weCarling Knockout Cup ozoba se-Orlando Stadium ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku uzoba yisivivinyo esihle eqenjini lakhe.
UManousakis ulekelela umqeqeshi obambilwe kuleli qembu laseKapa, uSean Connor, kanti sebebambe amasonto amathathu manje.
Bathethe izintambo kuShaun Bartlett osanda kuxoshwa. Emdlalweni wabo wokuqala bathole isibhaxu sika 2-1 kwiSuperSport United.
Kodwa ngemuva kwekhefu lamasonto amabili lemidlalo yeFifa, uManousakis ukholwa ukuthi lo mdlalo wabo neBucs uzoba yisivivinyo esinzima, esizobakhombisa ukuthi sebephucuke kanjani.
“Sibhekene nelinye lamaqembu aphezulu kwiligi, elaziwa ngomlando walo wokunqoba izindebe.
“Banomqeqeshi omangalisayo neqembu elinabadlali abanohlonzo kakhulu,” kusho uManousakis.
Uvumile ukuthi okwamanje ukuzethemba kweqembu kuncane, futhi kwenza umsebenzi wokuyodlala e-Orlando Stadium ube ngonzima.
Nokho ubona kuyithuba lokuhlola inqubekela phambili yabo nokulungiselela imidlalo yeligi ezayo.
UManousakis uthokoziswa yindlela abone abadlali bakhe bezinikele ngayo ngesikhathi bezilolonga ngaphambi kwalo mdlalo.
“Abadlali bakhombise ukusilalela selokhu ngifikile, futhi kuvunguza umoya omuhle phakathi kwabo,” kuchaza yena.
FUNDA NALA: ‘Buzani uRulani,’ kusho oweGalaxy ngokulimala kukaParker
Ukholwa ukuthi ngezinye izikhathi ukuba yiqembu elingabhekiwe emdlalweni ofana nalona kuletha ugqozi olwengeziwe lokuphendula amatafula.