USiphesihle Ndlovu uveza isizathu sokushiya kwiPirates
Njabulo Shezi
Umdlali weSuperSport United uSiphesihle Ndlovu usedalule ukuthi kungani ephikelelile ekutheni aqhubeke nokuhlala kuleli qembu njengoba esesayine inkontileka yeminyaka emibili nalo.
USiphesihle Ndlovu udlale kwiSuperSport ngesizini edlule ebolekiswe kuyi yi-Orlando Pirates. Ufike wakujabulela ukuba kuleli qembu.
Yingakho kuthe ngemuva kokudlala ngendlela encomekayo kuleli qembu laseTshwane – udlale imidlalo engu-22 ngesizini edlule – wabona ukuthi yiyona ndawo okufanele ahlale kuyona.
“Yimina ebengifuna ukuhlala. Kungenxa yokuthola ijezi futhi kusobala ukuthi ngamukelekile lapha,” kusho uSiphesihle Ndlovu kwabeSowetan.
Uhlabeke umxhwele uNdlovu kangangoba abaningi babona lo mdlali oneminyaka engu-26 bekumele aphinde ahambe noMdlali Wonyaka emcimbini wokuvala unyaka weqembu.
“Kube yisizini enhle kimina naseqenjini. Ngithanda ukubonga ozakwethu ngokungisekela nokwenza isiqiniseko sokuthi asilehlisi izinga futhi asilahli amaphuzu.
“Ngesikhathi ngifika khona konke bekuhamba kahle futhi abadlali bebeqhudelana, kubangwa ijezi,” usho kanje.
“Ngakho-ke, ngibheke ngabomvu isizini ezayo futhi ngibheke ukwenza ngcono kunalokhu engikwenze ngesizini edlule. ”
USiphesihle Ndlovu uphinde wabonga umqeqeshi uGavin Hunt ngokumnika ithuba lokuvuselela umsebenzi wakhe ngemuva kokufika kuye enokungazethembi.
“Wonke umdlali webhola uzokutshela into efanayo – uma ungadlali ngezinye izikhathi, kunzima. Kodwa uma udlala, yonke into iqala ukuba lula kakhulu.
“Ube sewuqala ukubuyelwa ukuzethemba kwakho futhi uqale ukwenza izinto kalula kakhulu kunangaphambilini.
“Ngisho ukuqina emqondwnei kuba ngcono. UGavin wanginika ithuba futhi wakholelwa kimina. Yilokho engingakusho.”
FUNDA NALA: IBafana izolala seyizazi izimbangi kweyokuhlungela iNdebe Mhlaba
Khonamanjalo, uNdlovu unethemba lokuthi bangaphonsela inselelo izimbangi zabo zaseTshwane iMamelodi Sundowns ngesicoco seDStv Premiership ngesizini ezayo.