EzakamuvaIbhola

Kungase kuphele ngeMaritzburg United

PHILI HLONGWANE

AbeMaritzburg United bahlela ukuwuduba uMgungundlovu bafudukele eThekwini, bashintshe negama leqembu.

Bakhala ngokunganakwa eMgungundlovu nokuthi sebaphucwa nenkundla iHarry Gwala Stadium esisetshenziswa yiRoyal AM. Leli qembu, eligijima kwiMotsepe Foundation Championship, lidlalela imidlalo yasekhaya eThekwini (eKing Zwelithini Stadium) nokuyinto abaphathi balo abakhalayo ngayo.

“Uma bengayidedeli inkundla (iHarry Gwala Stadium) nakanjani iqembu lizothuthela eThekwini. Alidayisi kodwa into engenzeka ukushintsha igama,” kusho umthombo osondelene neTeam of Choice.

Sekuke kwabikwa ukuthi leli qembu lingase lithengwe uBryce Moon owayelidlalela. Naye lo mdlali owake wagijima nakwiMamelodi Sundowns useke washo ukuthi wayefuna ukuyithenga iMaritzburg United ngaphambi kokuthi idliwe yizembe.

Umasipala waseMgungundlovu (uMsunduzi) sewushade neRoyal AM, awusayingeni indaba yeTeam of Choice. Mancane amathuba okuthi izinto zizoke zishintshe njengoba kuzoqala isizini entsha.