I-PSL iqeda ukuqagela, yethula umklomelo weCarling Knockout
I-PSL ishiye wonke umuntu emangele ekuqaleni kwaleli sonto ngesikhathi yethula umqhudelwano wayo omusha, iCarling Knockout Cup, kodwa ayangaveza ukuthi iqembu elizowunqoba lizothola malini.
Abalandeli namakilabhu basale bemangele, besabawela lolu lwazi olubalulekile. Ngomlomo wesikhulu esibhekelele ezokuxhumana, uFhathuwani Mpfuni, iPSL ithembise ukuthi lolu lwazi izoludedela ngokuhamba kwezinsuku.
Lesi sinqumo sishiye abaningi bedidekile, ikakhulukazi mayelana nemali yomklomelo. Umnikazi weTS Galaxy ophinde abe ngumengameli wayo, uTim Sukazi, uzwakalise ukukhathazeka kwakhe, egcizelela ukuthi ukwazi inani lomklomelo bekuzowakhuthaza kakhulu amaqembu.
Nokho, ukulinda sekuphelile. NgoLwesihlanu ntambama i-PSL ikhiphe isitatimende kwabezindaba iveza lolu lwazi, nezinsuku, izikhathi nezinkundla zemidlalo yesigaba sokuqala salo mqhudelwano.
Lesi simemezelo silethe ukucaciseleka obekudingeka kakhulu kulo mqhudelwano futhi senyuse isasasa nokulangazelela kubalandeli namakilabhu ngokufanayo.
Ompetha balo mqhudelwano bazogoduka nesamba sika-R6.8 million esihlanganisa nemali yokungenela lo mqhudelwano.
Khonamanjalo, abaphume isibili bazohlomula ngesamba sika-R2.8 million, okuhlanganisa nemali yabo yokubamba iqhaza.
Amaqembu azofinyelela kowandulela owamanqamu kodwa bese ephelela khona, wona azohamba no-R1.3 million ngalinye.
Nalawo azofinyelela kuma-quarter-final ngeke ahambe elambatha njengoba bezothola u-R850,000 iqembu ngalinye.
Iqembu ngalinye kwangu-16 azodlala kulo mqhudelwano lizohamba nesamba semali eyisisekelo engu-R250 000.
Imidlalo izoqala ngoLwesithathu oluzayo la iTS Galaxy izogadulisana khona neMamelodi Sundowns eMbombela Stadium.
NgoLwesihlanu kuzobe sekuba yi-Orlando Pirates ezokwamukela iCape Town Spurs e-Orlando Stadium.
NgoMgqibelo kunemidlalo emine, bese kuthi ngeSonto kuqedelwe emibili yesigaba sokuqala.
Imidlalo:
ULwesithathu, Okthoba 18: TS Galaxy v Sundowns, eMbombela Stadium, ngo-7.30 ebusuku.
ULwesihlanu, Okthoba 20: Pirates v Spurs, e-Orlando Stadium, ngo-7.30 ebusuku.
UMgqibelo, Okthoba 21: Arrows v CT City, eMpumalanga Stadium, ngo-3 ntambama; Chippa v Stellies, eNelson Mandela Bay Stadium, ngo-3 ntambama; Chiefs v AmaZulu, eFNB Stadium, ngo-6 kusihlwa; Sekhukhune v Royal AM, ePeter Mokaba Stadium, ngo-8.15 ebusuku.
FUNDA NALA: Chiefs v Pirates: Asesemakethe amathikithi edabhi yaseSoweto
ISonto, Okthoba 22: Richards Bay v Moroka Swallows, eKing Zwelithini Stadium, ngo-3 ntambama; SuperSport v Polokwane City, eTUT Stadium, ngo-6 kusihlwa.