EzakamuvaIbhola

Iyokhempa eSpain i-Orlando Pirates, izohamba no-Otladisa

Njabulo Shezi

UKatlego Otladisa ngomunye wabadlali abasha be-Orlando Pirates ezohamba nabo uma seyisa ekhempini yokulungiselela isizini. 

Kuvela ukuthi leli qembu eliqede isizini lidle izindebe ezimbili – eseMTN8 neseNedbank Cup – lizoyokhempela eSpain. 

Kwenzeka lokhu nje umqeqeshi walo, uJose Riveiro ogile izimanga ngesizini yakhe yokuqala, udabuka kulo leli lizwe. 

Kulindeleke ukuthi iye kule khempu ngasekuqaleni kwenyanga ezayo sebekhona bonke abadlali bayo abasha. 

Owokuqala kulabo osekuvele ukuthi usayine iminyaka emihlanu nguKatlego Otladisa obegijima kwiMarumo Gallants. 

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ube nesizini enhle yize iGallants igcine idliwe yizembe. Ubengomunye wabenza kahle kwiCaf Confederation Cup. 

Lokhu kumsebenzele ngoba kube lula kwiPirates ukumthatha ngoba vele usenamava okudlala emiqhudelwaneni yeCaf. 

U-Otladisa uke wasayinwa nayiMamelodi Sundowns phambilini kodwa kwasho ukuthi wayefike kabi isabutha bonke abadlali. 

Kwaze kwaphela inkontileka engakaze adlale kuyo njengoba eze wagcina ekwiGallants le akhombise kuyo ikhono lakhe, waheha iPirates. 

Kulindeleke nokuthi iphothule izingxoxo zokubuya kuka-Andile Jali kungekudala ukuze naye abe yingxenye yale khempu. 

Nonozinti, uMelusi Buthelezi ubhekwe ukuthi abe yingxenye yaleli qembu uma selilibhekise eSpain.

Nokho okubhekwe kakhulu ngaleli qembu mhlawumbe wukuthi yibaphi abadlali elizobakhulula njengoba liqinisa kabusha nje. 

IPirates inenqwaba yabadlali ebibolekise ngabo kanti abanyeabenzanga kahle la bebebolekiswe khona.

FUNDA NALA: Usephenduke inyama umgadli weDowns, iChippa ifuna ukumgcina

Phakathi kwabadlali abazobuyela kuyo kukhona uTshegofatso Mabasa obekwiSekhukhune United noZakhele Lepasa obekwiSupwerSport United. 

U-Azola Matrose obekwiChippa United yena kuvela ukuthi uzoqhubeka kuyo kwazise uphazanyiswe wukulimala kule sizini edlule.