Abulawa utshwala AmaZulu, kusho obesebenza kuleli qembu
UPhumlani Dube useveze esinye isithombe ngeqembu leDStv Premiership laseThekwini AmaZulu FC.
Uthi utshwala sebufana nesiko kuleli qembu elingenzi kahle kwiligi futhi elilengele ezembeni kumanje.
UDube ubephethe ezokuxhumana Osuthwini kuze kube ngoNovemba nyakenye la exoshwe khona.
Ubize umhlangano nabezindaba ngoLwesithathu la ehlanze konke athi ngamaqiniso ngaleli qembu.
NangoLwesine ekuseni iphinde wagadla uDube. Ufake isithombe sakhe kwiTwitter, wasiphelezela ngombhalo obhuqayo.
“Uboqaphela ungazami ukungcolisa igama lomuntu ngamanga uma elakho lingangcoliseka kalula ngeqiniso,” usho kanje uDube.
NgoLwesithathu uzikhininde zonke ethi AmaZulu afana nento efile ngenxa yotshwala, umona nenzondo.
Uthi okumphoqe ukuthi akhulume wukuthi sekukhona olokhu emlandela ezama ukumsabisa nokumdicilela phansi.
“Usiko lotshwala yinto yakhona kuMaZulu,” kusho yena. “Ozakwethu babephuza sengathi bayaqala ukububona ngesikhathi sikwiCarling Black Label Cup.
“Omunye uzakwethu wesifazane wabe esesicela ukuthi siyolekelela ukuqoqa izimpahla zeqembu.
“Ngasiza ngathwala okuthwalekayo ngabe sengimtshela ukuthi okusindayo ngeke ngikwazi ukukuqukula ngenxa yobuhlungu beqolo engangibuzwa.
“Omunye uzakwethu wafika ephethe okuthile, wasisola ngokuthi thina simgquba ngamadolo usebenza yedwa.
“Ngamtshela mina ukuthi angakhulumi kanjalo nami. Wabe eseza kimi egijima, kodwa wavele waqhuzuka wawa.
“Ngangingazi ke ukuthi wenzani mina. Kodwa wasukuma lapho wangisola ngokuthi ngimshayile.”
UDube waxoshwa ngemuva kweinsolo zokuthi washaya owesifazane abasebenza naye ngesikhathi beseFNB Stadium kulo mqhudelwano.
“Lento yenzeka phambi kwamaphoyisa nonogada basenkundleni. Lo wesifazane wayekade ebudlonya usuku lonke.
“Wabe esebikela isikhulu esiphezulu, esabe sesingifonela singisola ngokushaya lo wesifazane.”
FUNDA NALA: UMpengesi uvukuza abalandeli ngengama leKaizer Chiefs
UDube uthe usola ukuthi lokhu kwakuvele kuwuzungu nje lokumsusa endleneni ngoba kukhona abangamfuni.
“Kukhona ongaphakathi owayengangifuni. Kodwa ngokuthi ngingumuntu oziphatha kahle, abakutholanga ababezongishaya ngakho.”
AmaZulu asayine abadlali abahle ekuqaleni kwesizini kodwa imiphumela ayikhukhombisi lokho.
Izinsolo zobuphuzo kubadlali bezilokhu zivela nje kule sizini kodwa iqembu limbambathe.