EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

UMpengesi uvukuza abalandeli ngengama leKaizer Chiefs

Ufisa abalandeli bagcwale inkundla uSiviwe Mpengesi bezosekaiChippa United uma seyibhekene neKaizer Chiefs ngoLwesine. 

Lamaqembu azogadulisana emdlalweni weDStv Premiership eNelson Mandela Bay Stadium ngo-3 ntambama. 

IChippa yilona kuphela iqembu lase-Eastern Cape elidlala ezigabeni ezikhokhelayo kuleli. 

Nokho ibhekene nezembe njengoba isizini isongwa nje. IChippa isenamaphuzu angu-26 ngemuva kwemidlalo engu-26. 

Lokhu kwenzeka nje kumanje leli qembu selishintshe abaqeqeshi kahlanu kule sizini. 

IChippa izobhekana neKaizer Chiefs kunguLehlohonolo Seema osebhentshini, Naye uSeema usebuya ihlandla lesithathu. 

Njengamanje iChippa isendaweni yesibili ukusuka emsileni, kanti iqhele ngephuzu elilodwa kwiMaritzburg United esemsileni. 

USeema nguye owethenjwe ukuthi alivikise izembe leli qembu. Umsebenzi wakhe uzoqala ngokuthi kumele ashaye iKaizer Chiefs.

“Kubo bonke abalandeli beChippa United nabantu bonke base-Eastern Cape,” usho kanje uMpengesi esitatimendeni esikhishwe ngoLwesithathu. 

“Uma ubheka indlela esidlale ngayo muva nje, siyakuqonda ukuphoxeka kwenu futhi siyabona ukuthi kumele senze kangcono. 

“Siyakuqonda ukubaluleka kokuba yiqembu lokuqala lokugcina lase-Eastern Cape kwiPremier Soccer League… 

“Sibheke emidlalweni ebaluleke kakhulu kwiligi. Sibambisene emkhankasweni wethu wokuwola amaphuzu aphelele. 

“Sizimisele ukulwa ukuze sivikele indawo yethu esigabeni esiphezulu sebhola,” kwengeza uMpengesi. 

Ube esenxusa ukuthi njengoba kubungazwa uSuku lweNkululeko nje kuleli, abalandeli abezobungaza neChippa. 

“Sinxusa bonke abalandeli ukuthi bazoseseka emdlalweni wethu neKaizer Chiefs…. 

“Asihlanganeni, sikhombise amandla ethu, ubumbano nomoya wenkululeko njengoba sifuna ukunqoba ngalolu suku olubaluleke kangaka.”

INingizimu Afrika ibungaza usuku okwavotwa ngalo okokuqala ngenkuleko okuyinto eyenzeka okokuqala ngo-Ephreli 27, 1994. 

UMpengesi ube esekhumbuza abalandeli bezakhe ngengoma abayaye beyicule uma iqembu lizithola likulesi simo. 

FUNDA NALA: Kwethulwe ijezi leBanyana Banyana elisha

“NJengoba nengoa yethu isho nje, ‘Asiphelelanga, kushod’iChippa’… Kuyoba ngokubambisana nokusebenzisana kwethu ukuqinisekisa ukuthi ukumeleka kwe-Eastern Cape kwiPSL kuyaqhubeka.”