EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

‘Yonke into inesikhathi sayo,’ kusho uKgaogelo Sekgota weChiefs

Useze wacishe wakhohlweka uKgaogelo Sekgota kwiKaizer Chiefs ngenxa yokuthi ijezi seliyivela kancane kuye kulezi zinsuku. 

Lo mdlali wasesiswini ohlaselayo osemncane uyiqale kahle le sizini futhi ubebonakala engmunye wumqeqeshi u-Arthur Zwane akhela phezu kwabo. 

Nokho ukulimala kwamphazamisa, kwambeka eceleni isikhashana nokuthe uma ebuya kwaba nzima ukubuyela eqenjini eiqala imidlalo. 

“Ngisalokhu ngiqhubekile nokuzikhandla futhi nabaqeqeshi bayangigqugquzela,” usho kanje lo mdlali kuleli viki. 

“Yonke into inesikhathi sayo. Ngakho, uma sekufike isikhathi, konke kolunga. Iqembu lisadlala kahle,” kusho uKgaogelo Sekgota. 

IChiefs beyisidlale imidlalo eyisikhombisa ingayazi induku ngaphambi kokuvuthululwa yiSekhukhune United emdlalweni weligi ngempelasonto. 

UKgaogelo Sekgota ukuvumile ukuthi kube nzinyana ukwamukela lo mphumela ngemuva kokuthi kade benza kahle. 

“Bese siwine imidlalo embalwa kulandelana, futhi ke kubuhlungu kithi siyiChiefs uma sehluliwe. 

“Kodwa ke kusekuningi okumele sikulwele. Sesifike esigabeni seyandulela owamanqamu kwiNedbank Cup. 

“Sisele nemidlalo embalwa kwiligi esihlose ukwenza kahle kuyo ukuze siqede isizini siphezulu. 

“Iqembu lilonke liyazikhandla, nsukuzonke futhi silungele noma yini ezayo,” kuchaza uKgaogelo Sekgota. 

Lo mdlali olinxele elidle ngomjiko nesivinini, uzothemba ukuthi uZwane uzombophela uma sebebhekene neChippa United. 

IChiefs izogadulisana neChippa emdlalweni weDStv Premiership eNelson Mandela Stadium, eGqeberha ngoLwesine ntambama. 

FUNDA NALA: Kwethulwe ijezi leBanyana Banyana elisha, libakhumbuza iBafana yama-90’s

“IChippa yiqembu elihle impela, elinabadlali abahle… Kodwa nathi sibahle ngokwethu futhi sibalungele. 

“Sesiwubheke ngabomvu lo mdlalo. Kodwa njengoba bengike ngasho, silungele noma yini.” Lo mdlalo uzoqala ngo-3 ntambama.