EzakamuvaIbholaiNdebe yoMhlaba

Kwethulwe ijezi leBanyana Banyana elisha, libakhumbuza iBafana yama-90’s

Kuvuke izinkumbulo zezikhathi ezazimnandi kubalandeli bebhola kuleli kwethulwa ijezi elisha leBanyana Banyana ngoLwesine. 

Leli jezi iBanyana Banyana yilo ezodlala ngalo eNdebeni yoMhlaba e-Australia naseNew Zealand ngoJulayi. 

Lethulwe yinhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSafa nabaxhasi bay bempahla yokugqoka iLe Coq Sportif. 

Ukwethulwa kwalo kuhambisane nosuku la iNingizimu Afrika ibungaza usuku okwavotwa ngalo okokuqala ngokwentando yabantu.

“Sinifisela usuku oluhle lweNkululeko Mzansi,” ibhale kanje iSafa kwiTwitter yayo yethula leli jezi. 

“Ijezi lokushintsha (leBanyana Banyana) seliphumile. Skwethulela leli jezi elibizwa ngeLegacy Jersey.”

Lizoqala ukutholakala ezitolo ngoLwesihlanu. Leli jezi lakhiwe ngendlela efanayo neyelaligqokwa amaqembu esizwe ngama-90’s. 

Bekuvele kukhona iskhalo sokuthi iBafana ayibuyele kule mibala yayo eyayidlisa futhi namaqembu esizwe esadlala into ebonakalayo.

Kwabalincomile leli jezi kukhona nomsakazi wezemidlalo kwiSABC Sport TV, uXoli Zondo. 

UMaZondo uthe liyamchaza leli jezi. Nabanye bathe lingcono kunalawa aphambilini.

Nokho bakhona ke nalabalandeli abangachazekanga yileli jezi, bethi alishayi khona. 

FUNDA NALA: ‘Ngibalulekile,’ kusho uRama Mphahlele ngokukhuza ibuya kuMaZulu

Umfundi weMpempe nongumlandeli weMamelodi Sundowns uWandile Ncube uthe liyaphalazisa. 

“Alilihle neze,” ubhale kanje kwiTwitter wakhe wabe eselandelisa ngama-emoji omuntu ophalazayo.