UThatayaone Dithlokwe uyilungele inselelo yokudlala kwiChiefs
By Njabulo Shezi
Uyazethemba ukuthi uzoyibamba ishisa kwiKaizer Chiefs umdlali wayo omusha uThatayaone Dithlokwe odlala emuva.
UThatayaone Dithlokwe usayine inkontileka yesivumelwano sokuyijoyina iChiefs ngoJanuwari kanti uzoya kuyo ngokusemthethweni ngoJulayi.
Ubedlala kwiSuperSport United la ebewumgogodla khona weqembu elibunjwa uGavin Hunt okuvezile ukuphoxeka kwakhe ngokushiywa yilo mdlali.
Uzofika kwiChiefs ingcindezi seyinkulu kakhulu njengoba iminyaka icela eshumini manje leli qembu lagcina ukuthola indebe.
Ngaphezu kwalokho, umqeqeshi u-Arthur Zwane uthe sebezobabhekisisa abadlali ababasayinayo ngoba abanye bafike behluleke wukumelana nengcindezi yokudlala kwiChiefs.
Kodwa uThatayaone Dithlokwe, odabuka eBotswana, utshele abeSABC Sport ukuthi ingcindezi yinto endala kuye akuyona into azobe eyiqabuka kwiChiefs.
“Into engingakutshela yona wukuthi ngingukaputeni weqembu lesizwe, ngidlala eqenjini lesizwe,” ucashnwe esho kanje.
“Ngibe ngukaputeni weqembu lesizwe ekhaya ngineminyaka engu-21 ngakho angikholwa wukuthi kukhona ingcindezi edlula le esengiphuma kuyo.
“Lena yinselelo ejwayelekile okumele wonke umdlali amelane nayo. Yingakho ngithi uma kumele ukhule, kumele ubhekane nezinselelo.
“Akekho umdlali ongakhula uma engancintisani namuntu,” kuchaza yena. UThatayaone Dithlowe uyazethemba ukuthi uzoba yimpumelelo kwiChiefs.
Uzobanga indawo noZitha Kwinika, Njabulo Ngcobo, Edmilson Dove, Thabani Dube noGiven Msimango phakathi kwabanye.
Uthi inselelo yokuwina izindebe le ebhekene neChiefs yinto ayidingayo ngoba naye uyafuna ukuba nezindondo zokuthi wawina izicoco.
“Ngiyakudinga ukuwina izindebe. Ngifuna ukudlala emiqhudelwaneni yezwekazi njenge Champions League neConfederation Cup…
FUNDA NALA: USteve Barker udle amazambane ashisayo ngabafunwa yiChiefs
“Yilokho engikufunayo njengomdlali. Yilokho okwenza ngizinikele zonke izinsuku ejimini ukuze ngibe umdlali ongcono.
“Ngifuna ukuthuthuka njengomdlali ukuze nginqobe lezo zicoco ngoba azitholakali kalula,” kusho lo mdlali oneminyaka engu-24.