‘Ngibalulekile eqenjini,’ kusho uRama Mphahlele ngokukhuza ibuya kuMaZulu
URamahlwe Mphahlele ukhombise ukukhula ngesikhathi ephendula imibuzo ngokuthi waphatheka kanjani ngesikhathi exoshwa, aphinde abuyiswe.
Lo mdlali wasemuva onamava – uke waba ngukaputeni kuMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs – uvele wangasola muntu.
UMphahlele wakhonjwa indlela kuleli qembu ngesikhathi izikhulu zibasola ngokuthi beya uRomain Folz obengumqeqeshi ngaleso sikhathi.
Kodwa izinto zajika zabhimba kakhulu, uFolz wagcina emisiwe ekuqeqesheni, wanikwa esinye isikhundla.
Kwabe sekubekwa u-Ayanda Dlamini ukuthi abe ngumqeqeshi. Nguye ke owabe esebuyisa uRamahlwe Mphahlele noKeagan Buchanan abebemisiwe.
“Ngingumsebenzi okhokhelwayo,” ucashunwe esho kanje ngabe-iDiski Times kuleli viki.
“Ngenza umsebenzi wami futhi ngiyakhokhelwa ukuthi ngidlale ibhola. Yilokho engikwenzayo.
“Angikaze ke ngikhulume lutho kunanoma ngubani futhi umsebenzi wami wukudlala ibhola.
“Angifuni ke ukukhuluma ngokuthi ubani wenzanim ubani wathini… Okwami nje ukudlala ibhola.
“Yilokho engizoqhubeka nokukwenza uma ngiselapha,” kuqhuba uRama Mphahlele odlala emuva.
Uthi eqenjini lebhola wonke umuntu ubalulekile. Yize engakushongo, kodwa kucacile ukuthi akayazi eyokuthi weyisa uFolz.
“Ngisho nomqeqeshi lo obekhona… Sonke sibalulekile. UKeagan ubalulekile, wonke umuntu ubalulekile.
“UGeorge (Malulekam naye okwake kwavela ukuthi usendleleni) ubalulekile futhi labantu ngidlala nabo eqenjini. Okwenzekile akusho lutho.
“Ngibalulekile eqenjini. Ngikholwa wukuthi ngingalisiza iqembi futhi yilokho engizokwenza.
“Lokho akuhlangene nomunye umuntu, okubalulekile yimi nozakwethu njengamanje.
FUNDA NALA: IMamelodi Sundowns seyicabanga ukumchitha umdlali ‘owutshani obuluhlaza’
“Uyazama ukulawula lokho onamandla okukulawula futhi yilokho ebengiloku ngizama ukukwenza kulo msebenzi wami.
“Angizwani nokubanga umsindo nokusola abantu… Ngivele ngizibheke mina, ngizibuze ukuthi ngabe kukhona okungalungile engikwenzile.”