EzakamuvaIbhola

‘Ilekelelwe’ u-Andile Jali iSundowns ichiliza iSwallows kwiMTN8

Sbongs Gumbi

Ukukhishwa kuka-Andile Jali ngekhadi elibomvu kusaphele imizuzu emihlanu kuyigqilaze kakhulu iMoroka Swallows iwashiswa ijezi kwiMTN8 ngoMgqibelo ntambama. 

Izamile nokho ukulwa ingasaphelele iSwallows kodwa kwasho khona ukuthi iMamelodi Sundowns akulona iqembu okulula ukulishaya. 

ISundowns idlulele phambili ngemuva kokushaya iSwallows ngo 1-0 kulo mdlalo obuseLucas Moripe Stadium.

“Bekunzima. Ikhadi elibomvu lisigqilaze kakhulu. Kodwa ngokwamacebo okudlala, senze kahle kakhulu,” usho kanje umqeqeshi weSwallows uSteve Komphela.

Akafunanga ke ukugxila ekukhihsweni kuka-Andile Jali umdlalo usanda kuqala. Kodwa unozinti weSwallows, uDaniel Akpeyi yena ukuvezile ukuthi kubalimaze kakhulu. 

U-Akpeyi uqokwe njengomdlali obevelele yize engazange agqilazeke kangako kwazise iSundowns nayo ayidlalanga kahle kulo mdlalo. 

“Le ndondo eyeqembu lonke,” kusho u-Akpeyi ngemuva komdlalo. “Sincishisiwe, sashoda kusaphele imizuzu emihlanu nje kuphela. Lokho kwenze umdlalo wasinda kithi. . 

“Kube yishwa ke nokho ukuthi siphuma la nje asisaqhubekeli phambili ngoba sidlale kahle kakhulu yize bese sishoda. 

Yize engalikhiphanga uKomphela elokusola u-Andile Jali – futhi kufanele ngoba ungumqeqeshi wakhe – kodwa kufanele ukube ngaphakathi ubebalisa. 

Kuvele kwacaca ukuthi iSwallows seyibhekene nomqansa onzima kakhulu ngesikhathi ekhishwa ngekhadi elibomvu engakafudumali kwakufudumala. 

Lokhu kuzicanasela kweSundowns esiswini bekungeke kwenzeke ukube uJali ubekhona. 

Ukuphuma kwakhe kushiye uTlakusani Mthethwa yedwa ukuthi agade iminyakazo yeSundowns. 

Ubukhona bukaJali bebuzosiza kwazise uyabazi abadlali beSundowns njengoba ebedlala nabo kule minyaka emine edlule nje. 

Kodwa noma ebengekho, iSwallows uma ingakhela kule ndlela edlale ngayo kulo mdlalo kufanele ukuthi iyobanjwa kude. 

NeSundowns kumele inconywe ke ngokuthi ayizange itatazele noma seyibona sengathi igoli aliveli – beyilokhu iqhubeke nebhola layo nje. 

Igoli lisheshe laqhamuka nokho esiwombeni sesibili . Bekusaphele imizuzu emithathu kubuywe ekhefini ngesikhathi uThemba Zwane elibeka enethini. 

FUNDA NALA: ISundowns nezinhlelo zokubuyisa uPercy Tau

Yize beyingawathola amanye amagoli – futhi neSwallows beyingalithola elokulinganisa – kugcine kube yilo leli likaZwane elikhipha umphumela walo mdlalo.