EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

UZwane udalula izindaba ezishaqisayo ngoKeagan Dolly 

IKaizer Chiefs kuzomele idlale ngaphandle kwesinye sezihlabani zayo uKeagan Dolly kule midlalo embalwa ezayo. 

Lezi zindaba zivezwe ngumqeqeshi weChiefs u-Arthur Zwane ngoLwesine ngaphambi komdlalo wezakhe neChippa United. 

UKeagan Dolly waphuma exhuga ngesikhathi iChiefs ishaywa yiSekhukhune United ngo 1-0 ngempelasonto edlule. 

Kwakungathi wukuthinteka nje okungatheni ngaleso sikhathi kwazise nguye owazicelela ukukhishwa. 

Ngemuva kwalowo mdlalo, uZwane wakuqinisekisa ukuthi bamkhiphe ngoba ezicelele yena uKeagan Dolly. 

Kodwa manje sekuvela ukuthi ngathi wathinteka kabi njengoba eseyoze abuye ngesizini ezayo nje. 

“Kukhona abadlali esingeke sibe nabo kulo mdlalo esiya kuwo,” kusho uZwane kwi-website yeqembu ngoLwesine. 

“Obalulekayo kulabo nguKeagan Dolly, ongeke esabuya kuze kuze kuphele le sizini.” 

UZwane akabange esachaza ukuthi ulimele ndlelani lo mdlali. Cishe sekuyoba yiqembu elizocacisa ngokuhamba kwezinsuku. 

IChiefs inemidlalo emine yeDStv Premiership – okukhona kuyo nalo weChippa – esele bese kuba neNedbank Cup. 

Isifike esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu kulo mqhudelwano la izobhekana khona ne-Orlando Pirates ngoMeyi 6. 

UKeagan Dolly ushiya igebe elikhulu

Akungabazeki ukuthi uKeagan Dolly uzoshiya isikhala esikhulu eqenjini likaZwane. 

Nokho lo mqeqeshi uthi unabo abadlali azovala ngabo isikhala salesi sikhwishikhwishi esinamava. 

“Kuzomele sithintathinte lapha nalaphaya eqenjini… Kuzoba phakathi kukaHappy (Mashiane) no(Kgaogelo) Sekgota (ozovala esikaDolly).

“Sizobona ukuthi ubani owulungele umdlalo ngokomqondo nangokomzimba bese sisebenzisa yena kulo mdlalo. 

FUNDA NALA: ‘Yonke into inesikhathi sayo,’ kusho uKgaogelo Sekgota weChiefs

“Ukudlala njalo sekuqalile ukuzwela kubadlali, ngakho sizozama ukubagcina besesimweni esifanele, siqaphe ukulimala.” 

Impempe seyingakuveza ukuthi uZwane uzowuqala ngoMashiane esikhaleni sikaDolly kulo mdlalo weChippa. 

UYusuf Maart nguyena ozoba ngukaputeni kulo mdlalo oseNelson Mandela Bay Stadium ngoLwesine ngo-3 ntambama.