EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

USead Ramovic ugadla kubahlaziyi bakuleli, uthi amahlathi nje

Kusale kancane amgagule ngegama umhlaziyo omcika kunabo bonke umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic osole abahlaziyi bakuleli ngobuhlathi. 

Lo mqeqeshi onezicucu ezihlonishwayo zokuqeqesha, uthi izinga labahlaziyi bebhola kwithelevishini kuleli liyihlazo. 

Ube esesola kakhulu oyedwa, athi uyathanda ukugxeka indlela abahlela ngayo amaqembu kodwa yena ebe engayazi kwaley ndlela. 

Uthe uma ubheka kwiligi yase-England, kuhlaziya oRoy Keane, Thiery Henry noJammie Carragher abanezicucu zokuqeqesha.

“Bonke laba banezicucu ze-Eufa Pro License… Lapha eNingizimu Afrika khona?,” uchashunwe esho kanje ngabeSABC Sport.

“Kukhona lo owake wadlalela i-Orlando Pirates mhlawumbe imidlalo emine wabe esenyamalala,” kugdla uSead Ramovic. 

“Akazange akufundele ukuqeqesha kodwa unesibindi sokumpongoloza ngendlela esihlela ngayo amaqembu okuyinto angayazi nhlobo.

“Ngibe sengimangala ngoba ngathi akalazi qobo ibhola. Uma ulalela ukuhlaziya kwakhe, wumbhedo wodwa. 

“Kumele kwenyuswe izinga. Awumfanele lo msebenzi, akekho ezingeni elifanele,” kusho uSead Ramovic onobuzwe baseGermany naseSerbia. 

Uthe kukhona abaqeqeshi abawufundele lo msebenzi kodwa abangasebenzi ndawo njengamanje okungabe kusetshenziswa bona ukuhlaziya. 

Ube esephinda egadla kulo mhlaziyi athi ungumlandeli wokuqina wePirates nokucacayo ukuthi ubesho uPhumudzo Manenzhe. 

“Uma kudlala iPirates, ube esebanga umsindo ngokuthi badlala kahle kanjani nempumelelo yabo yakudala. 

“Mhlawumbe bamnika amathikithi amahhala e-Orlando…” Uthe akayiboni into enconywa yilaba bahlaziyi kwiPirates neKaizer Chiefs. 

FUNDA NALA: Mokwena: Ukunganqobi kwiChampions League akusenzi izehluleki

USead Ramovic ufike kuleli maphakathi nesizini edlule, watakula iGalaxy eyayilengela ezembeni. 

Useyenze iqembu elingcono. IGalaxy izogadulisana nePirates eMbombela Stadium eNelspruit ngeSonto ntambama.