EzakamuvaIbhola

U-Eddie Howe usafuna ukuqhubeka nokunqoba kwi-EPL

By Njabulo Shezi

Umqeqeshi weNewcastle United u-Eddie Howe uthi awukho nowodwa umdlalo awubukela phansi kule esele kule sizini. 

Usho lokhu yize noma iqembu lakhe selibuyele kwi-Uefa Champions League okokuqala eminyakeni engu-20. 

INewcastle iqinisekise indawo yayo kulo qmhudelwano ngokunqoba umdlalo wabo kwi-English Premier League ne-Everton, abayibhaxabule ngo 4-1 ngoLwesine kusihlwa. 

Leli qembu liqhubekile nomgqigqo walo omuhle lelamanisa umphumela omuhle wangempelasonto la libhudluze khona iTottenham Hotspur ngo 6-1. 

Kulo mdlalo wangoLwesine, ezika-Eddie Howe zinqobe ngamagoli kaCullum Willson, oshaye amabili, Joelinton noJacob Murphy. 

 UJoelinton noMurphy bashaye awabo amagoli besuka ebhentshini, baqinisekisa ukuthi iNewcastle ihlezi kahle endaweni yesithathu kwilogi ye-EPL. 

INewcastle isinamaphuzu angu-62, nokuvule igebe lamaphuzu ayisishiyagalombili kwabahleli endaweni yesihlanu okuyiTottenham.

“Siyazi awukho umdlalo ekumele siwubukele phansi,” ubeke kanje u-Eddie Howe ngemuva komdlalo. 

“Kusibeka endaweni enzim kakhulu ukuthatha amaphuzu ayisi-6 kwi-Everton ne Tottenhem akulula neze.” 

FUNDA NALA: USead Ramovic ugadla kubahlaziyi bakuleli, uthi amahlathi nje

Nansi imidlalo yePremier League ongayilindela ngoMgqibelo: Crystal Palace v West Ham (ngo-1.30pm eSelhust Park); Brentford v Nottingham Forest (ngo-4.30pm eGtech Community Stadium); Brighton v Wolves (ngo-4pm e-American Express Stadium)