Abaqeqeshi bakhale ngenkundla emdlalweni weMTN8
SIHLE NGUBO
Ukhale ngenkundla umqeqeshi weStellenbosch, uSteve Barker, yize ezakhe zinqobile kwiTS Galaxy.
UBarker ukhononde ngesimo senkundla ngemuva kokuthi iStellenbosch ishaye iTS Galaxy ngo 3-1 emdlalweni we-quarterfinal yeMTN 8 eDanie Craven Stadium, eKapa, ngeSonto ntambama.
“Inkundla ayikwenzanga kwalula ukudlala emizuzwini engu-90 yomdlalo,” kusho uBarker kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.
“Sizamile ukudlala ibhola lethu kodwa ngasemizuzwini engu-25 yokugcina silahle umgqigqo wethu. Umdlalo wokuqala wesizini ngakho obekubalulekile ukuthi sidlulele phambili kweyandulela owamanqamu.”
Umqeqeshi weGalaxy uRead Ramovic naye ukhonondile ngenkundla yaseKapa ebimazombezombe.
“I-PSL ikuvumela kanjani ukuthi kudlalwe enkundleni esesimeni esinje? Uma sithi abalandeli abeze enkundleni sisuke sithi abazobuka abadlali bengakwazi nokuphaselana kahle ibhola ngenxa yesimo senkundla?” kubuza uRamovic.
Ngomzuzu ka-18 uKamogelo Sebelebele ushaye igoli yahamba phambili iTS Galaxy. Nokho ngomzuzu ka-25 ubuyile uJayden Adams washaya elokulinganisa leStellies.
Ngemuva kwalokho bese kuyiStellies ebibukeka iyingozi uma iya phambili. Akumangazanga ngesikhathi u-Andre de Jong eshaya igoli lesibili leStellies ngomzuzu ka-41.
Ngomzuzu ka-57 uFawaaz Basadien ushaye igoli lesithathu lezikaSteve Barker kwacaca ukuthi iRockets izobuya ilambatha eKapa.
Izamile ukubuya iGalaxy kodwa lagcina lalile ukungena igoli. Ukunqoba kweStellies kusho ukuthi izojoyina i-Orlando Pirates kweyandulela owamanqamu. IBucs idlulele phambili ngemuva kokushaya iSuperSport United ngo 3-1 ngoMgqibelo.
URamovic, ocija iRockets, usahlulekile ukunqoba uma ebhekene noBarker. Emidlalweni eyisikhombisa usakwaze ukudlala ngokulingana emibili wase eshaywa kwemihlanu.
Kulo mdlalo uMacbeth Mahlangu weGalaxy uphume ngekhadi elibomvu ngemuva kokuthola amakhadi aphuzi amabili.