Ezakamuva

U-Itumeleng Khune ukhuza ibuya ezintini kwiKaizer Chiefs 

By Sbongs Gumbi

Unozinti ongaconsi phansi kubalandeli beKaizer Chiefs, u-Utumeleng Khune nguye okulindeleke abe sezintini emdlalweni olandelayo. 

Sekunesikhathi lo nozinti ekhuhla ibhentshi kodwa kubukeka esethubeni elihle lokuqala umdlalo uma iKaizer Chiefs seyigadulisana neSwallows FC. 

Lamaqembu aseSoweto azokhiphana inkani ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane ngoMsombuluko ntambama. 

Selokhu kuqale lo nyaka, umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uyiqala ngoBrandon Petersen imidlalo. 

Nokho kulo weSwallows uyaphoqeleka ukujika izinto njengoba uPetersen engekho kanti u-Itumeleng Khune obonakala ezonikwa ijezi. 

Kule midlalo embalwa edlulem nguye u-Itumeleng Khune obesebhentshini kanti uBruce Bvuma yena uselibuka ehlezi nezihlwele. 

Bobabili labo nozinti bake balinikwa ithuba ngasekuqaleni kwesizini kodwa izinto azangabahambela kahle kwaze kwagcina kunguPetersen odla ijezi. 

Emidlalweni engu-19 ayidlalile uPetersen, akangenelwanga goli kwengu-10, okumenza abonakale ewenza kahle lo msebenzi wakhe. 

UKhune yena usadlale imidlalo engu-11, wangenelwa amagoli angu-12. Nokho kunemibili angangenelwanga goli kuyo. 

UBvuma yena ungenelwe amagoli angu-12 emidlalweni emithathu, kwathi kowodwa wakwazi ukungangenelwa lutho kule emine asayidlalile. 

Sekuvele ke kunezinkulumo zokuthi iKaizer Chiefs izomdedela ayozama kwenye indawo uBvuma uma kuphela inkontileka yakhe ngoJuni. 

U-Itumeleng Khune, oneminyaka engu-35 yena uzogcinwa kwazise useneminyakanyaka ethembekile kuleli qembu. 

NoZwane usanda kukhuluma ngaye ethi basamethemba futhi uma sifika isikhathi bamdinge, bayazi uzosukuma awenze umsebenzi. 

UPetersen ngeke adlale ngenxa yokumiswa kulandela ukuthola ikhadi eliphuzi lesine bebhekene neChippa United ngempelasonto edlule. 

FUNDA NALA: Bazoyikha ngamafosholo abagijimi beComrades Marathon kulokhu

Ngemuva komdlalo weSwallows, iChiefs izobe seyiyobhekana nezimbangi zayo ezinkulu i-Orlando Pirates. 

Lezi zinkunzi zaseSoweto zizokhiphana inkani eFNB Stadium ngoMeyi 6 zibanga ukuzibekela indawo kowamanqamu kwiNedbank Cup.