U-Ayanda Dlamini ugadla kubaqeqeshi bokufika ‘abachoma ngezicucu’
By Sbongs Gumbi
Ukuphatha izicucu zokuqeqesha ezisezingeni eliphezulu kwenza abaqeqeshi bokufika bezibone bengcono – lokhu kushiwo u-Ayanda Dlamini waMaZulu kuleli viki.
U-Ayanda Dlamini uqeqesha AmaZulu kanti ukusho lokhu ekhuluma ngaphambi komdlalo wabo neSekhukhune United abawunqobe ngo 2-0 ngoMgqibelo kusihlwa.
Yize engabalanga gama lamuntu umfokaDlamini, kodwa kuzicacele ukuthi ugudla uzakwabo omisiwe uRomain “Fohloza” Folz.
UFolz, obethandwa ukufa abaphathi beqembu, ugcine emisiwe futhiwaqheliswa eqenjini ngoba ephikwa yimuphumela.
Kodwa u-Ayanda Dlamini useveze ukuthi lokhu kungenzeka bekwenziwa wukuzithwala kwalo mqeqeshi ngoba nakhu ephethe izicucu eziphezulu.
“Ukukhuluma iqiniso nje, kwesinye isikhathi uvele uphoxekenje … Amaqembu ethu avele aqashe umqeqeshi, yazi angazi ngichaze ngithini.
“Uthole ukuthi uqahmuka eGermany, Portugal noma kuphi ke (ne-Europe) afike la enze umsebenzi uvele ubone ukuthi wena bewungenza kangcono.”
“Cha, ngeke ngibalule amagama abantu,” ucashunwe esho kanje u-Ayanda Dlamini.
“Kodwa ke injalo nje, futhi yiqiniso leli. Kwesinye isikhathi uthola ukuthi umqeqeshi unezicucu eziphezulu kodwa uma sekuziwa ekwenzeni umsebenzi, zicime izibani.”
Impi yokuqashwa kwabaqeqeshi bangaphandle kweyiwe abakuleli indala futhi kudala iliwa.
Sekukaningi amaqembu akuleli elanda abaqeqeshi bangaphandle kodwa bafike bashaye udaka baze bahambe.
Into abahle kakhulu kuyo wukugxeka njem bethi abadlali bakuleli abekho ezingeni.
Buka nje, muva nje lo weTS Galaxy uSead Ramovic usanda kukhwela adilike kubahlaziyi bakuleli, ethi bangamahlathi angalazi ibhola.
Uma kuqashwa abangaphandle, njengaye nje uRamovic, kuyaye kucashiswe ngokuthi bakufundele ukuqeqesha futhi banezicucu eziphezulu.
U-Ayanda Dlamini uyavuma ukuthi nabo kumele impela bafunde futhi bawathole amaphepha okuqeqesha.
“Kodwa kunomehluko phakathi kokufundile nokukwenza,” kuchaza lo mqeqeshi.
“Ngiyaxolisa kodwa ngizokusho lokhu… Singahamba siyozithola lezo zicucu, impela kufanele sikwenze lokho.
“Sesivele siqalile ke vele ukufunda, kodwa kumele ukwazi ukuhlanganisa ulwazi lwakho lokuqeqesha nokuqonda abadlali bakuleli.
“Thina baqeqeshi bakuleli siyabaqonda kahle abadlali – indlela abaphila ngayo abakudingayo nendlela abathanda ukudlala ngayo.
“Ngeke uvele ufike la bese uphoqa ukuthi kwenziwe ngendlela yakho ngoba lokho akupheli kahle. Impela izicucu zinhle, kodwa akumele kube yizo zodwa.”
FUNDA NALA: Ne-Orlando Pirates iyambonga uNkanyiso Zungu ogajwe yiRichards Bay
U-Ayanda Dlamini ubonakala eseluhlangulile Usuthu ezembeni elishiywe kulo uFohloza njengoba esewine imidlalo emibili kwemithathu.
Indlela iqembu elidlala ngayo kuyabonakala ukuthi abadlali bazimisele ukumsebenzela umfokaDlamini.