Ezakamuva

Angaphelela kwiChiefs uLebo Mothiba?

SIHLE NGUBO

IKaizer Chiefs kubhekwe ukuthi kube khona abadlali ebasayinisayo, bese idedele abanye njengoba kuzoqala isizini entsha yeDStv Premiership.

Phakathi kwabadlali abadingwa yiChiefs kubalwa umgadli njengoba kucacile ukuthi ibihluleka ukushaya amagoli yize beyiwakha abe maningi amathuba alokho.

Emasontweni edlule sekuke kwavela ukuthi uLebogang Mothiba, ongumgadli weBafana Bafana, uke wabonakala ethi shazi eNaturena. Lo mgadli akanalo iqembu okwamanje kulandela ukuhlukana neRacing Strasbourg yaseFrance, edlala kwiLeague 1.

Nokho ngesikhathi ekhuluma neSafa Media lo mgadli uthe akalilahlile ithemba ngokuthola elinye iqembu phesheya.

“Okwamanje into engibhekene nayo ukuthi ngilulame edolweni bese ngibona ukuthi ngiyakwazi yini ukubuyela e-Europe,” kusho lo mgadli.

UMothiba, oneminyaka engu-28, unakho ukuhlushwa ukulimala nosekumphuthisele ngokubizwa kwiBafana Bafana emidlalweni esanda kuyidlala. Kuzohlaluka maduze ukuthi ubuyela phesheya yini noma uthola iqembu kwiDStv Premiership.

Kuyavela nokuthi iMamelodi Sundowns isibhekile nayo isimo sikaMothiba. Lo mgadli uke waba senkulisa yeSundowns ngaphambi kokuyozinza phesheya.

Omunye umdlali omataniswa nokuya kwiChiefs, u-Andy Boyeli wePower Dynamos yaseZambia. Kuyavela ukuthi iChiefs isike yabuza ngalo mgadli ongowokuzalwa Democratic Republic of Congo (DRC).

Emuva kwesokunxele bakhona kubhekeke ukuthi iChiefs ithole umdlali kanjalo nasezintini, lapho ebibukeka ingawinile khona ngesizini edlule.