Akusona isiqalo sokuncintisana neSundowns lesi sePirates
Njabulo Shezi
I-Orlando Pirates ayidlalanga njengeqembu elingafaka inselelo kwiMamelodi Sundowns ngesikhathi ihlulwa yiStellenbocsh FC ngoMgqibelo kusihlwa.
Njengoba iSundowns izidlulele kalula kwiSekhukhune United emdlalweni wokuqala weligi, amehlo abesebheke kwiPirates ukuthi izokwenzenjani.
Kodwa leli qembu laseSoweto alikhombisanga ukuba sezingeni elifanayo neSundowns ngesikhathi iStellenbosch ilivova inkani.
IStellies ishaye iPirates ngo 1-0 emdlalweni obushubile eDanie Craven Stadium ngoMgqibelo kusihlwa, yashiya imibuzo ngePirates.
IPirates izamile kodwa beyibukeka iphelelwa amaqhinga uma seyifica udonga lwasemuva lweStellies luvalwe thaqa.
IPirates ibhayiziseke ngokuthi ifune ukudlala ibhola leStellies ngesiwombe sokuqala, la bezihubhana khona udede.
Kuyiwe ekhefini sekuhamba phambili iStellies ngegoli lika-Antonio Van Wyk, kwacaca ukuthi iPirates sekumele igibele umqansa ukuze iphume kukhona ekufumbethe kulo mdlalo.
Izamile ukubuya iPirates kodwa kuze kwayiwa ekhefini isahubha utalagu njengoba iStellies ibisikutholile ebikufuna, isivale thaqa emuva.
Indlela iPirates edlale ngayo yenze kwacaca ukuthi sekuyoba yiSuperSport United engavimba iSundowns ekuhambeni nesicoco seligi okwesikhombisa kulandelana.
FUNDA NALA: Ubonga uyise obemhambisa emidlalweni ‘noma engenaphethiloli’
Kodwa ke bekunumdlalo wokuwala wePirates lona, mhlawumbe beyikudinga ukushaywa ukuze ikhumbule ukuthi ibhekene nani.