‘Bekumuncu eNaturena, abadlali baqoka ukuqhubeka nomsebenzi’
SIHLE NGUBO
UKaizer Motaung Junior, oyiSporting Director kwiKaizer Chiefs, usezwakalise ukunengeka ngendlela okubulawe ngayo uLuke Fleurs obengumdlali waleli qembu.
Lo mdlali, obeninyaka engu-24, udutshulwe washona ngoLwesithathu kade edunwa imoto yakhe eGoli.
Lokhu kumangaze abalandeli bebhola abaningi eNingizimu Afrika, abebesafuna ukumbona uFleurs egqoke imibala yaMakhosi.
Ufike kwiChiefs esuka kwiSuperSport United ngo-Okthoba nyakenye, kanti ubengakadlali nowodwa umdlalo kuleli qembu laseNaturena.
“Ngicabanga ukuthi simangele ngokungakholwa futhi sinokudinwa okukhulu ngesikhathi esifanayo,” kusho uMotaung kwiRadio2000.
“Kube wusuku olumuncu eVillage. Asikaze sibe nesimo esinje, ukulahlekelwa umdlali weqembu. Kube wusuku olunzima.”
UMotaung uveze ukuthi bazamile ukubacabangela abadlali ngokuthi babanike isikhathi sokuthi bangezi emsebenzini.
“Sibanikile abadlali ithuba lokuthi bangaziqeqeshi namuhla. Kodwa bathe bafuna ukuqhubeka nokuziqeqesha kube yindlela yokuhlonipha uLuke Fleurs,” kubeka uMotaung.
“Sihlanganile endaweni yethu usihlalo (uKaizer Motaung) wakhuluma nabadlali, ngaphambi kokuthi baye kozilolonga.
“ULuke ubehlezi emomotheka futhi ubethandwa yibo bonke abadlali.
“Ubehlale eseduze noYusuf Maart kanti ubesondelene futhi noKeagan Dolly.
“Ubengumdlali webhola elikhokhelayo oqondile futhi ubengakaze akhononde noma aqumbe uma engakhethiwe ukuthi adlale.
“Bese kusele kancane ukuthi adlale umdlalo wakhe wokuqala. Ubezohamba neqembu ukuyobhekana neChippa United.
“Abadlali banqume ukuthi bazodlala lo mdlalo ukuhlonipha uLuke.
“Ngethemba bayabona ukuthi banenhlanhla kanjani ukuba kulesi simo nokuthi izinto zingashintsha ngokushesha okunjani.”
Uthe ukujoyina iChiefs bekube wukufezeka kwephupho elidala kuFleurs uma ebheka indlela abekujabulele ngayo ukuba seNaturena.
“Nangesikhathi kunezingxoxo ngabona ukuthi uLuke wayeziqhenya ukuba kwiKaizer Chiefs.
“Bekuwukufezeka kwephupho kuyena futhi bengibona kanjalo uma ngimbona eVillage.”
FUNDA NALA: UNcube uphalaza iqiniso ngesihluku asifica kuMaZulu
Bekungakacaci ukuthi lo mdlali uzofihlwa nini. Nokho mancane amathuba okuthi kube yile mpelasonto ngoba iChiefs inomdlalo neChippa.

