Omunye umdlali obekwiChiefs ujoyine uBilliat eZimbabwe
Bayanda abadlali aabebegijima emaqenjini ePSL ababuyela eZimbabwe njengoba ibhola lakuleli lizwe elingomakhelwane lizama ukubuyela ezingeni.
Ibhola laseZimbabwe like lacishe laphela ngesikhathi imisiwe emidlalweni yamazwe ngamazwe.
Kodwa manje njengoba seyibuyele, amaqembu akhona asebhukulile futhi afuna iligi yakhona ibe sezingeni ikwazi nokugcina abadlali bakhona abasezingeni.
Elinye lamaqembu aphambili kulokho yiYadah FC esanda kubuyisa uKhama Billiat eNingizimu Afrika la ebesephenduke khona umtshingo ubethwa ngubani.
IYadah seyibuyise nomunye umdlali owake wathi qu kwiKaizer Chiefs, u-Ovidy Karuru njengoba esesayine kuyo.
NjengoBilliat, uKaruru ubengenalo iqembu kusukela adedelwa yiqembu laseSaudi Arabia abesedlala kulo ngesizini edlule.
KwiPSL uKaruru wafikela kwiChiefs ngesikhathi sikaSteve Komphela kodwa izinto azangamhambela kahle.
Kwathi uma kuphela inkontileka wadedelwa. Wabe esecoshwa AmaZulu FC la afike wabonakala ukuthi uyalazi ibhola.
Uke wadlala nakwiStellenbosch FC ngemuva kokucela ukukhululwa kuMaZulu. Ugcine edlala kwiBlack Leopards kuleli ngaphambi kokuya eSaudi Arabia.
UKaruru, oneminyaka engu-35, udlale imidlalo engu-50 kwiWarriors – iqembu lesizwe laseZimbabwe – washaya amagoli ayisikhombisa.
FUNDA NALA: OKlebe bagasele eSafa House, baphenya uDanny Jordaan
Njengaanje usengomunye wabadlali abazoba wumgogodla kwiYadah FC esungulwe ngo-2017 futhi elingelinye lanemali engcono eZimbabwe.

