Ramovic: ‘Yihlaya ukuthi iPirates ijabulele indawo yesibili kwilogi’
Umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic ufake usawoti enxebeni egxeka i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs ngokuhubha indawo yesibili kwiDStv Premiership.
URamovic ukholwa wukuthi lamaqembu – ikakhulukazi iPirates – kumele ngabe abangisa iMamelodi Sundowns isicoco seligi.
USead Ramovic ukusho lokhu ngesikhathi enengxoxo nabeMetro FM kuleli viki eliphelayo.
Uze ukhuluma kanjena nje ubesola abahlaziyi bebhola kwithelevishini kuleli ngokuthi bafaka abalandeli ehlathini.
Uthe kukhona lo ozifelayo ngePirates aze ayincome noma ingabonakali into eyenzayo.
“Ukukhuluma iqiniso nje, iqembu elifana ne-Orlando (Pirates) neChiefs amaqembu amakhulu.
“Babophele abadlali abasezingeni, banabaqeqeshi abasezingeni futhi nasezimalini bahle…
“Banabalandeli abaningi futhi cishe baphambili e-Afrika yonkana. Kodwa bajabule ngokuhubha indawo yesibili?
“Akufanele kube njalo,” usho kanje uSead Ramovic kule ngxoxo abezwakala kuyo ukuthi lento iyamkhuba emoyeni.
“Akuyona impumelelo leyo, kumele ngabe balwela isicoco hhayi ukulandela iSundowns ngemuva ngamaphuzu angu-20 wonke.
“Bese kuba khona izingcweti zebhola kuleli ezifuna ukusitshela ukuthi lamaqembu abe nesizini enhle? Yihlaya phela lelo.”
Lamagama kaSead Ramovic azwelile kubalandeli balamaqembu. Uwakhuluma nje ezakhe zizogadulisana neBucs emdlalweni weligi ngeSonto ntambama.
Khonamanjalo, iphini lomqeqeshi kwiPirates, uSergio Almenara uthi kuzomele bazibambe ziqine kulo mdlalo wabo nezikaSead Ramovic.
“Sibe neviki elihle nesikhathi eside lokuzicija. Ngakho sikwazile ukuqhubeka nokugxilisa indlela esifuna ukudlala ngayo.
“Sizobhekana neTS Galaxy futhi kusahambe kahle konke. Sisebenza ngabadlali abakhona njengamanje.
“Sinethemba ukuthi amakhono abadlali esinabo azokwazi ukusakhela amathuba kulo mdlalo esiya kuwo.
“Uzoba nzima lo mdlalo ngoba sizobhekana neqembu elizosiphoqa ukuthi sivuleleke nathi ngoba nalo lidlala ngokukhululeka.
FUNDA NALA: U-Ayanda Dlamini ugadla kubaqeqeshi bokufika ‘abachoma ngezicucu’
“Kuzomele sibe neqhinga lokubhekana nalobo bunzima iTS Galaxy ezobuletha kithi,” kusho u-Almenara.
Cishe amehlo abalandeli azobe ebheke kuSead Ramovic ukubona ukuthi ukukhuluma kungangakho yini ukwenza kuye.