EzakamuvaiCarling Knockout Cup

Kuzophuka izinhliziyo abeBucs sebevalelisa uMbokazi kwiCarling Knockout

SIHLE NGUBO

Abalandeli be-Orlando Pirates balindele ukubona umdlali wabo, uMbekezeli Mbokazi, okokugcina egqoke imibala yeZimnyama ngempelasonto.

IBucs izobhekana neMarumo Gallants emdlalweni wamanqamu weCarling Knockout, ePeter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.

Sekuyinto eyaziwayo ukuthi lo mdlali uzolibhekisa e-USA kwiChicago Fire, edlala kwiMLS, ngemuva kwe-Africa Cup of Nations (AFCON) ngoJanuwari.

Nakanjani lo mdlali, owaziwa ngeleTLB, uzodlala ngoMgqibelo kowamanqamu weCarling Knockout, ukuze avalelise kahle kubalandeli beZimnyama.

Uthando abanalo abalandeli bePirates ngalo mdlali wasemuva, oneminyaka engu-20, alungatshazwa futhi banakho ukuphatheka kabi ngokuthi uyalishiya iqembu.

Lokhu kuhlale obala ngesikhathi bemqoka njengomdlali ovelele ukuze athole u-R100 000, akhokhe inhlawulo yeFifa emjezise ngo-R108 000.

Lokhu bekulandela isigameko lapho lo mdlali ethole ikhadi elibomvu iBafana Bafana ibhekene neZimbabwe emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UMbokazi bekuvele kulindeleke ukuthi ahehe amaqembu amaningi ngemuva kwe-AFCON eMorocco, neNdebe yoMhlaba engonyaka ozayo e-USA, eMexico naseCanada.

Nokho iChicago Fire ivele yasheshisa, yamsayinisa ngokushesha lo mdlali odabuka eHluhluwe, KwaZulu-Natal.

IPirates izobe ibheke ukuphakamisa indebe yesibili kule sizini, uma seyibhekene neGallants ngoMgqibelo.

Ivele seyiqukule iMTN8 eyithathe ngemuva kokushaya iStellenbosch FC ngo 3-0 kowamanqamu ekuqaleni kwesizini.

Yize kubuhlungu kubalandeli beBucs ukushiywa uMbokazi, kodwa bangajabula ukumvalelisa ngokuthi baqukule indebe yeCarling Knockout ngoMgqibelo.

Okuzoduduza abalandeli bePirates ukuthi u-Olisah Ndah useluleme ngokuphelele nokuthi uMbokazi ushiya iqembu lisesicongweni kwilogi yeBetway Premiership.